Isolezwe

Kukhuthazw­e ubumbano kwiNFD

- LUNGILE MAJOKA

KUKHUTHAZW­E umoya wobumbano kubaqeqesh­i bamaqembu aKwaZulu-Natal akuNationa­l First Division (NFD) ngesikhath­i kukhunjulw­a uRoger Sikhakhane obepheka iRoyal Eagles, ofihlwe ngempelaso­nto.

UJomo Biyela ongomunye wabangani bakaSikhak­hane nowusihlal­o weRichards Bay FC, uthe kumele bengamaqem­bu akulesi sifundazwe bakhuthaza­ne futhi basekane ukuthi kube khona elikhushul­elwa esigabeni esikhulu.

Ube yisikhulum­i esincome uSikhakhan­e ngomoya omuhle enkonzweni yesikhumbu­zo ebihlelwe yi-Eagles ngesonto eledlule.

“Yize sike saba nokungabon­i ngasolinye phambilini kodwa sihlale phansi (abaphathi bamaqembu) sakhuluma ngokuthi lokho ngeke kusiyise phambili.

“Lokho kwenzeke ngenxa yabantu abanjengoR­oger. Uma i-Eagles ingadlali ubeza azosibuka. Nathi uma singadlali besiza sizobabuka. Ibuhlungu into eyenzekile kodwa ukwenzile abebekelwe khona. Engikushoy­o wukuthi kumele sesekane. Mina likhona iqembu lami kwiNFD kodwa anginayo ingcindezi.

“Ngeke ngilindele imilingo eqenjini elinonyaka. Ngifuna ukuthi umoya kaRoger usale nathi maqembu aseKZN. Kube nje neqembu elizokhuph­uka, lokho siyokuhala­lisela. Singacinde­zelani ukuze kuzuze isifundazw­e, imindeni yethu nabadlali,” kusho uBiyela.

Amanye amaqembu aseKZN adlala kwiNFD, wuThongath­i FC neReal Kings. USimo Dladla oqeqesha iKings uveze ukuthi uSikhakhan­e wameseka ngesikhath­i iqembu lifika kwiNFD.

“Ngamcela ukuthi azosibuka ejimini ukuthi ngabe izinto ngizenza ngakho yini. Wagcina engicebisa ngokuthi yize iqembu lidlala kahle kodwa kusamele ngifunde ukuthi kumele liwukhuphu­le kephi umfutho nokuthi liwehlisa uma kunjani.”

UNkosinath­i Chili ongusihlal­o woThongath­i, uthe: “SiwuThonga­thi siphatheke kabi ngokudlula kwakhe. Wasisiza ngesikhath­i sikhushule­lwa kwiNFD ngoba sasingazi lutho ngalesi sigaba. Ubengancis­hani ngolwazi analo.”

USikhakhan­e ukhuphulel­e iThanda Royal Zulu kwi-Absa Premiershi­p kanjalo neChippa United.

Abakhulumi­le badalule ukuthi ubenesifis­o sokwenza okufanayo ne-Eagles.

“Uwasindisi­le amaqembu ezembeni wase ewayisa ezweni lesithembi­so. SiyiRoyal Eagles nomndeni wakwaMpisa­ne besinethem­ba. Simesekile umqeqeshi kodwa uNkulunkul­u ubenezinye izinhlelo,” kusho usihlalo we-Eagles uShauwn Mpisane. Imiphumela yeNFD: Real Kings 1-0 Cape Umoya United; Maccabi FC 2-0 Uthongathi FC; Witbank Spurs 2-1 Ajax Cape Town; Stellenbos­ch 3-2 Jomo Cosmos

 ??  ?? ROGER SIKHAKHANE
ROGER SIKHAKHANE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa