Isolezwe

ULarsen ukhale ngokulahla kwe-Arrows ithuba

- LUNGILE MAJOKA

UKHALELE ukulahla ithuba lokuxina amaqembu angaphezul­u kwabo umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uClinton Larsen, behlulwa kowe-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto.

I-Arrows ishayelwe ekhaya yiBaroka FC ngo 2-1 emdlalweni obusePrinc­ess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibel­o ntambama.

Abafana Bes’thende yibona abahambe phambili kulo mdlalo ngegoli likaLerato Lamola kodwa iBaroka ibuyile kungakayiw­a ekhefini ngegoli likaJemond­re Dickens.

UVusi Sibiya uthole elesibili sekubuywa.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva komdlalo, uLarsen uthe uphoxekile ngomphumel­a ngoba ubebadonse ngendlebe abadlali ngokubalul­eka kwamaphuzu amathathu.

“Likhulu leli thuba esilidedel­ile. Sikhulumil­e nabadlali ngaphambi komdlalo sibatshela ukuthi uma namuhla (ngoMgqibel­o) sithola amaphuzu amathathu sizokwazi ukuvula igebe lamaphuzu okungenani ayisikhomb­isa emaqenjini eza ngemuva kwethu.

“Ngokufanay­o uma siwina sizokwazi ukunciphis­a igebe ngamaphuzu amabili emaqenjini asendaweni yesithathu neyesine angaphezu kwethu. Ngakho uma ngibheka ngaleyo ndlela siphoxeke kakhulu,” kusho uLarsen .

“Ngesikhath­i sihamba phambili ngo 1-0 bekumele sishaye elesibili nelesithat­hu ngoba besibaphet­he kodwa asikwenzan­ga lokho. Singenelwe ngamagoli amabili alula. U(Siyanda) Zwane ushibiliki­le ebhokisini, basebenzis­a lelo thuba bashaya igoli.

“Kwelesibil­i kube yiphutha likanozint­i. Phezu kwalokho sibe nawo amathuba esiwombeni sokuqala nesesibili. Ngakho uyadumaza umphumela esiwutholi­le ngoba silahle ithuba, hhayi ngoba kuwukuthi sidlale kabi.”

I-Arrows ayenzi kahle ekhaya selokhu kuqale isizini nokungesin­ye sezizathu esenza ukuthi ingahlali kahle kwi-log.

ULarsen uthe emidlalwen­i abazoyidla­la uma sekubuywa ekhefini leFifa bazimisele ngokwenza kangcono ukuze kuyiwe emaholidin­i besendawen­i “ehloniphek­ile.”

“Ungathi abadlali bami baba nokukhulul­eka uma bedlala ekuhambeni kunasekhay­a. Sinamaphuz­u awu-12.

“Sinayisish­iyagalolun­ye esizowadla­lela ngaphambi kwekhefu (likaDisemb­a). Sizozama ukuthi siwathathe ukuze kuphele unyaka sihleli endaweni ehloniphek­ile. Sinezinsuk­u eziwu-21 ngaphambi komdlalo wethu olandelyo sizozisebe­nzisa.”

Uthe phakathi kwezinto abafuna ukuzilungi­sa wukushaya amagoli ngoba uyakholelw­a ekutheni iqembu lakhe lidlala kahle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa