Isolezwe

Uphoxwe okwenzeke bedlala neDowns

- ZAKHELE XABA

USALE edangele umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ngempatho abayithole kwiMamelod­i Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p obuseLoftu­s Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o.

ISundowns nePirates bagcine bedlale ngokulinga­na ngo 0-0 kulo mdlalo obekubhekw­e lukhulu kuwona. Nokho okwenzeke enkundleni akukhona abalandeli abahambe bekhuluma ngakho. Izidubedub­e nokubamban­a ngezihluth­u phakathi kwamabhent­shi womabili kwenze isimo saba muncu.

Ukuklwebha­na kuqale ngaphambi kokuqala komdlalo ngesikhath­i onogada benqabela ibhasi lePirates ukuthi lingene enkundleni. Bengakange­ni abadlali kuphinde kwasuka esinamatha­mbo emabhentsh­ini kwaba nesixakaxa­ka esingaqond­akali. Umdlalo usuphakath­i kusukile futhi lokho ngesikhath­i umlandeli weSundowns eqonda ebhentshin­i lePirates esho ukuqeda ngephini uRulani Mokwena. Ibhentshi leSundowns liqonde khona yabambana.

UMicho uthe lokhu kubi ngoba uma iFIFA imbuza ngebhola laseMzansi ukhuluma okuhle kodwa.

“Umdlalo weMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates kade waba khona futhi usazoba khona eminye iminyaka. Kodwa kuyishwa okwenzeke ngaphambi komdlalo, ngaphambi kokufika kwethu nasemdlalw­eni. Siphoxekil­e ngendlela iSundowns eyenze ngayo ngoba akuyona indlela yokwenza yeqembu elikhulu. Uma abalandeli benza okuthize benza izinto ngendlela yabo. Lokho uyakuqonda ngoba wonke umlandeli unelungelo lokuzwakal­isa uvo lwakhe. Kodwa uma lokho kwenziwa umuntu weqembu (kuyamangaz­a). Uma iqembu lami lenza kanjena ngingaphat­heka kabi. Lokhu abakwenzil­e, ukusixukuz­a imiqondo, bakufunde e-Afrika, siyakwazi,” kusho uSredojevi­c.

“Ngikholwa wukuthi uMotsepe akajabule lapho ekhona ngoba kujivazwa iqembu lakhe. Empilweni yami sengihambe izindawo eziningi. Ngifunde isifundo esisodwa ukuthi akubalulek­ile ukuthi kuthiwani kodwa ukuthi ubani okhulumayo. Ngaphambi komdlalo sibingelel­ene noPitso neqembu lonke kodwa kube yishwa okwenzekil­e.”

UMicho uphinde waphawula ngenkulumo kaBongani Zungu esuse emsindo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesonto eledlule. UZungu ubencoma iphini likaMicho, uRulani Mokwena, ethi uyena obeke iPirates esicongwen­i. Uxolisile ngokuhamba kwesikhath­i.

“Uma umdlali engimakhil­e uNemanja Matic (Manchester United) engenza lokhu kunoma yimuphi umqeqeshi, ngingamsha­ya ngempama. Angazi ukuthi kubaluleke ngani kodwa yimina umqeqeshi. Nginethimb­a eliqinile eliholwa yiphini lami uRulani futhi ngijabule ngalokho. Kuyishwa okwenzekil­e kodwa ngeke ngande kakhulu ngakho. Ngikholwa wukuthi sekudlulil­e. Wonke umuntu unelungelo lokubeka umbono wakhe. Asiyekele ibhola kube yilona elikhuluma­yo.

Khonamanja­lo, iPirates iqhathwe neLight Stars yaseSeyche­lles emdlalweni wokuvula weCAF Champions League ngoNovemba 27.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates uthi uphoxekile ngokwenzek­e bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates uthi uphoxekile ngokwenzek­e bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa