Kukhuthazwe ubumbano kwiNFD
KUKHUTHAZWE umoya wobumbano kubaqeqeshi bamaqembu aKwaZulu-Natal akuNational First Division (NFD) ngesikhathi kukhunjulwa uRoger Sikhakhane obepheka iRoyal Eagles, ofihlwe ngempelasonto.
UJomo Biyela ongomunye wabangani bakaSikhakhane nowusihlalo weRichards Bay FC, uthe kumele bengamaqembu akulesi sifundazwe bakhuthazane futhi basekane ukuthi kube khona elikhushulelwa esigabeni esikhulu.
Ube yisikhulumi esincome uSikhakhane ngomoya omuhle enkonzweni yesikhumbuzo ebihlelwe yi-Eagles ngesonto eledlule.
“Yize sike saba nokungaboni ngasolinye phambilini kodwa sihlale phansi (abaphathi bamaqembu) sakhuluma ngokuthi lokho ngeke kusiyise phambili.
“Lokho kwenzeke ngenxa yabantu abanjengoRoger. Uma i-Eagles ingadlali ubeza azosibuka. Nathi uma singadlali besiza sizobabuka. Ibuhlungu into eyenzekile kodwa ukwenzile abebekelwe khona. Engikushoyo wukuthi kumele sesekane. Mina likhona iqembu lami kwiNFD kodwa anginayo ingcindezi.
“Ngeke ngilindele imilingo eqenjini elinonyaka. Ngifuna ukuthi umoya kaRoger usale nathi maqembu aseKZN. Kube nje neqembu elizokhuphuka, lokho siyokuhalalisela. Singacindezelani ukuze kuzuze isifundazwe, imindeni yethu nabadlali,” kusho uBiyela.
Amanye amaqembu aseKZN adlala kwiNFD, wuThongathi FC neReal Kings. USimo Dladla oqeqesha iKings uveze ukuthi uSikhakhane wameseka ngesikhathi iqembu lifika kwiNFD.
“Ngamcela ukuthi azosibuka ejimini ukuthi ngabe izinto ngizenza ngakho yini. Wagcina engicebisa ngokuthi yize iqembu lidlala kahle kodwa kusamele ngifunde ukuthi kumele liwukhuphule kephi umfutho nokuthi liwehlisa uma kunjani.”
UNkosinathi Chili ongusihlalo woThongathi, uthe: “SiwuThongathi siphatheke kabi ngokudlula kwakhe. Wasisiza ngesikhathi sikhushulelwa kwiNFD ngoba sasingazi lutho ngalesi sigaba. Ubengancishani ngolwazi analo.”
USikhakhane ukhuphulele iThanda Royal Zulu kwi-Absa Premiership kanjalo neChippa United.
Abakhulumile badalule ukuthi ubenesifiso sokwenza okufanayo ne-Eagles.
“Uwasindisile amaqembu ezembeni wase ewayisa ezweni lesithembiso. SiyiRoyal Eagles nomndeni wakwaMpisane besinethemba. Simesekile umqeqeshi kodwa uNkulunkulu ubenezinye izinhlelo,” kusho usihlalo we-Eagles uShauwn Mpisane. Imiphumela yeNFD: Real Kings 1-0 Cape Umoya United; Maccabi FC 2-0 Uthongathi FC; Witbank Spurs 2-1 Ajax Cape Town; Stellenbosch 3-2 Jomo Cosmos