Kufiphele ukukhanya kweNkanyezi kaMalusi
kuholele ekutheni angene kwi-ANCYL asebenze ezinhlakeni zayo ezahlukene waze wagcina esengumengameli wayo.
UGigaba ujoyine i-ANCYL ngo-1990 ngemuva kokuthi izinhlangano ezazilwela inkululeko zavulwa umlomo.
Wathola iziqu zakhe zeBachelor of Pedagogics eNyuvesi yaseWestville manje esiyiNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Ngo-1993, esafunda khona eWestville, wakhethwa njengoSihlalo weSasco. Kwathi ngo-1994, wakhethwa njengoSihlalo we-ANCYL eningizimu neKwaZulu-Natal.
Uke waba futhi nguNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal waphinde waba yilungu elengeziwe lobuholi be-ANC esifundazweni kusuka ngo-1994 kuya-1996.
Ngasekupheleni kuka-1996, wakhethwa njengomengameli we-ANCYL.
Waqopha umlando ngokuba ngumengameli walolu phiko amahlandla amathathu elandelana.
Phakathi kuka-1999 no-2001, uGigaba wakhethwa njengelungu lePhalamende le-ANC, ngawo futhi u-2001, wesula kwathi ngo-2002, iNyuvesi yaseCuba yamhlonipha ngomklomelo ophezulu onikwa abafundi nabaholi bentsha eCuba.
Ngo-2004 wakhethwa futhi njengelungu lePhalamende lapho aqokwa njengePhini likaNgqongqoshe wezaseKhaya, okuwumsebenzi ahlale kuwo kwaze kwaba ngu-2010.
Ngo-2011 wakhethwa njengoNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni. Kuthe Ngo-2017, wakhethwa njengoNgqongqoshe wezeziMali. Lesi sikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezeziMali asizange simnike ukuthula uGigaba njengoba kade ehlale esezindabeni esolwa ngenkohlakalo ngokusondelana kwakhe nomndeni wakwaGupta.
BHEKA IKHASI 6