Abathintekayo ebufakazini bazoziphendulela – Kodwa
OYINHLOKO yehhovisi likaMengameli we-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, uthi bazoziphendulela ezinsolweni ezenziwa nge-ANC kwikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana ephethwe yiJaji Raymond Zondo.
Izolo uKodwa ubekule khomishini obekufakaza kuyo owayenguNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uNksz Barbara Hogan, uthe i-ANC yabhalela ikhomishini icela ukwenza izethulo zayo, isalindile ukunikwa lelo thuba uma selivelile.
Uthe bebengazi ukuthi uNksz Hogan wayebhekene nengcindezi nokuthi kunamalungu ayegxambukela ezindabeni zikahulumeni. “UNksz Hogan akakaze asibikele ngengcindezi ayebhekene nayo njengenhlangano futhi abantu abathintekayo ebufakazini abethulile bazoziphendulela. I-ANC nayo yabhala icela ukunikwa ithuba lokuziphendulela ezintweni ezishiwo kule khomishini. Sizolinda uSihlalo ukuthi asitshele uma ithuba selivelile. Asikwazi ukuphawula kakhulu ngezethulo zofakazi abangahlonywanga imibuzo ngabanye abantu kodwa sigqugquzela abantu ukuthi bazokwethula ubufakazi ukuze kuliwe nokusetshenziswa kombuso yidlanzana elifuna ukufeza izinhloso zalo,” kusho uKodwa.
Izolo u-Adv Phillip Mokoena ohola ubufakazi utshele ikhomishini ukuthi uthole izitatimende ezimbili ezivela kuSihlalo we-ANC uMnuz Gwede Mantashe obephendula izinto zayizolo.
UNksz Hogan usole owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngokugxambukela ezindabeni zombuso njengoba wayefuna kuqokwe izikhulu ezithandwa wuyena ezinkampanini zikahulumeni.
Uveze ukuthi uZuma wazama ukuvikela owayeyisikhulu sakwa-Eskom uMnuz Jacob Maroga owasula esikhundleni kodwa wafuna ukubuyiselwa kuso.
“UMaroga watshela ibhodi ukuthi uyasula esikhundleni waze waphuma emhlanganweni ayekuwo. Waphinde wasihoxisa isinqumo sakhe kwase kungenelela uZuma owathi asimbuyisele esikhundleni. Njengoba uZuma wayengekho eNingizimu Afrika ngaleso sikhathi ngabuza kowayeyiPhini likaMengameli uMnuz Kgalema Motlanthe ukuthi ngenzenjani. Wangitshela ukuthi angenze okufanele ngikwenze ngoba ngeke agxambukele,” kusho uNksz Hogan.
Uthe emuva kwalokho wathola ucingo kuZuma owathukuthele emtshela ukuthi akayeke lento ayenzekayo.
Uveze ukuthi uZuma wamtshela ukuthi uMaroga usaseyisikhulu esiphezulu kwaEskom yize ibhodi lalinganeme ngomsebenzi wakhe.
“Saba nenkulumo mpikiswano noMengameli ngoba nganginganeme neze ngoMaroga owayezenzela intando yakhe. Ngabona kahle ukuthi uMaroga ubexoxa noMengameli (Zuma) ngasese,” kusho uNksz Hogan.
Uthe emuva kokucaca kokuthi akafuni ukulandela okushiwo wuZuma watshelwa ukuthi uMengameli uzomjuba eFinland ayoba yinxusa khona kodwa wanqaba ngenxa yokuthi umyeni wakhe oyisishoshovu somzabalazo, uMnuz Ahmed Kathrada, wayesethuthela eGoli.