Bengiyovula icala ngishayiwe lavele langidelela iphoyisa
MHLELI: Ngifisa ukwazi ukuthi amaphoya aseFolweni asebenza kanjani.
NgoNovemba 2 ebusuku ngafika esiteshini samaphoyisa eFolweni ngilimele ekhanda nasemlonyeni ngopha igazi ngihlanganyelwe umama nezingane zakhe.
Ngabafica sebefike bona kuqala esiteshini bangivulela icala ekubeni kuyimina olimele futhi kuyibona abasukele mina bangihlasela ngamatshe. Enye yezingane yangizuma ngebhodlela emlonyeni ngabizelwa nabantu ukuthi ngibulawe.
Ngihamba nomntwana wasekhaya oneminyaka en-11.
Uma ngibafica-ke esiteshini samaphoyisa ngizovula icala ngifica amaphoyisa amabili esilisa nelilodwa lesifazane.
Leli lesifazane ilona elalivula amacala ngoba elalaba engangizobavulela lavulwa kulona bevulela mina, nami ngangizovula kulona.
Ngifike ngibingelele kahle bese ngibeka udaba lwami engize ngalo. Laba bakhona bangilalele bavele bangiphikise bangidelele phakathi egunjini lokuvula amacala .
Ngithi ngiyaphendula leli phoyisa lesifazane likhwele lidilike kumina kucace ukuthi lingakubona, lingitshele nokuthi ingane le engizume ngebhodlela incane ngeminyaka ngakho ngeke ivalelwe.Bengifuna usizo langidelela iphoyisa. Lithi mina angivalelwe ngoba laba bavule icala kuqala. Ngaleso sikhathi ngivuza igazi emlonyeni, ekhanda nginembobo ngiyavuza nakhona igazi.
Kucace ukuthi nami sengiyadinwa ngoba ngibona iphoyisa lidayisa ngami engabe lisikhuza sonke noma likhiphele laba emnyango nami ngikwazi ukusho engize ngakho.
Umntwana lo engihamba naye uma kumele akhulume akubonile laba bayamvimba bayamphikisa. Kwathiwa ngibuye kusasa ngangavulelwa icala nganganikwa iJ88 ekumele ngiyihambise esibhedlela.
Laba bantu ababezongibopha ibona abangisukela bangihlasela bagijima bayovula icala bengenawo nomyocu wokulimala mina engilimele ngaphathiswa okukadoti kwabukiswa ngami ngadelelwa esiteshini yiphoyisa nabangani balo.
Ngasizwa elesilisa lawuqeda umsindo lathi angibuye ngakusasa, elesifazane lavele laphenduka ummeli wabo. Qhubekani maphoyisa nidayise ngathi eFolweni. Okhathazekile EFOLWENI