Akubikwe ngenkohlakalo: imeya
IMEYA yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede ixwayisa ngokuthi uphenyo ngezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa akumele lusetshenziswe ukulwa izimpi zezepolitiki nokungcolisa amagama abantu.
UNkk Gumede usho lokhu ethula inkulumo yakhe efundwe nguSihlalo wekomiti elibhekelele ukusebenza kwezimali zomkhandlu, uMnuz Thabani Luthuli ngesikhathi kunesithangami sokuqwashisa ngenkohlakalo e-Exibhition Centre eThekwini izolo uNkk Gumede uthe abantu bavele benze izinsolo ezingabambeki ngenhloso yokungcolisa amagama amahle abantu. “Le nto seyijwayelekile lapha eNingizimu Afrika, uthola abezindaba besetshenziswa ukungcolisa amagama osopolitiki nawabanye abantu, siyaqonda futhi ukuthi kunento ekhona ehlose ukudweba isithombe esenza kubukeke sengathi aboHlanga nosondonzima bosopolitiki bakhohlakele.” Uthe kungalezi zithathu bephoqeleka ukuthi baye ezinkantolo noma kulabo ababhekelele ukusebenza kwabezindaba ukuze bageze amagama abo. “Ngebhadi ukuxolisa okwenziwayo akuphumi emakhasini okuqala, kungalesi sizathu futhi njengoba samukela neKhomishana kaZondo ephenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso,” kusho uNkk Gumede.
Uthe impi yabo yenkohlakalo icacile futhi ayihlosile ukugquza abantu abathile. “Impi yethu nenkohlakalo imayelana nokwenza isiqiniseko sokuthi umkhandlu usebenza kahle nokuvikela izinsiza,” kusho uNkk Gumede.
Unxuse izakhamuzi ukuba ziphumele obala zibike ngezigameko zenkohlakalo.
“Siyaqonda ukuthi ukukhwabanisa nenkohlakalo kuphazamisa ukusebenza nombono kamasipala.