UMOSIMANE UJABULE KULULAMA UCOETZEE
AKUSEKUDE abonakale esikimini esikhulu seMamelodi Sundowns uRivaldo Coetzee ongakaze adlale kusona kusukela asayiniswa ngaphambi kokuqala kwesizini edlule.
UCoetzee wafika kwiSundowns elimele esuka kwi-Ajax Cape Town ngo-2017. Kule sizini uqalile ukudlala eqenjini leMultichoice Diski Challenge. Ngenyanga edlule kuvele ukuthi ubuye wadonseka umsipha. Ngesikhathi umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, ebuzwa ngalo mdlali engxoxweni abe nayo kwiSA FM ngoMsombuluko ebusuku, udalule ukuthi uza kahle kangangoba angambheka uma eseqoka isikimu esizoyibamba emdlalweni ozayo.
Uma sekubuywa ekhefini leFifa iSundowns izovakashela iBlack Leopards emdlalweni we-Absa Premiership eThohoyandou Stadium ngoNovemba 28.
“Useluleme emsipheni. Ngijabule kabi ngingathanda ukumbona edlala. Ngicabanga ukuthi emdlalweni olandelayo sesingamqoka. Ngingathanda ukumnikeza ithuba. Ungumdlali osezingeni. Ngisho neBafana iyamdinga,” kusho uMosimane.
Uthe ukubuya kukaCoetzee kusho ukuthi ungena embangweni wejezi noRicardo Nascimento, Wayne Arendse, Mosa Lebusa noMotjeka Modisha abadlala emuva.
UPotshoza usebambe umoya ukuthi uCoetzee angabe esaphinde alimale ngoba sesiside isikhathi engabonakali ekubeni bese ephenduke isiqongqwane odongeni lweBafana ngaphambi kokulimala.
Amathikithi adayiswa emacomputicket, Checkers noShoprite ngoR60.
Kuthiwe abalandeli bazohlinzekwa ngezindawo zamahhala zokupaka izimoto babuye bazitike ngomculo ka-AKA besalinde ukuqala komdlalo njengoba amasango ezovulwa ngo11 ekuseni.
UPotshoza uyanxusa ukuthi lilalelwe leli khwelo naye uzolanda izimpitshi zakhe zinikele eFNB ziyobuka leli qembu linenebula iNigeria. Akaphuphi njalo uPotshoza, phela leli qembu likaStuart Baxter liyiqumbe phansi ngo 2-0 iSuper Eagles ekuhambeni kuwona umdlalo wokuhlunga. ngoMgqibelo, uthe asikho isidingo sokuxina abadlali bala maqembu ngemidlalo ngoba (la maqembu) anemidlalo eminingi emqoka okumele ayigijime.
Womathathu amaqembu athathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika azoqala imidlalo yeCAF Champions League neCAF Confederations Cup ingakapheli le nyanga. Ngaphandle kwale midlalo yase-Afrika kukhona neyeTelkom Knockout ehlanganisa amabili ala maqembu (iChiefs nePirates).
Ngenxa yokuthothana kwale midlalo emqoka nemizamo kaBaxter yokuqinisa ubudlelwane namaqembu aholela abadlali abasebenzisa eqenjini lesizwe, lo mqeqeshi uthe uzolufakela izibuko olwabadlali beChiefs, Pirates neSundowns uma esebhekene neParaguay.
“Sengixoxile namaqembu amaningi ukuqinisa ubudlelwane. Akuwona amaqembu amakhulu kuphela esengikhulume nawo kepha nalawa adlala ezigabeni ezincane. Ngenxa yalokhu ngizokwenza izinguquko eziningi uma sesibhekene neParaguay ngoba owobungani. Engiphume nakho kulokhu kuvakashela amaqembu wukuthi sizosizana kakhulu esikhathini esizayo odabeni lwabadlali,” kusho uBaxter.
“Ngaphandle kokubukela phansi imidlalo yesizwe ngibona kumqoka ukuthi sibakhe lobu budlelwane. Nami ukuba ngiqeqesha iqembu bengingeke ngilindele ukuthi abadlali bami badlaliswe wonke lo mdlalo wobungani. Uma sengiwuhlelela ngizokwenza lokhu, nginawo amaqembu abadlali emqondweni nezifiso zawo. Ngalokhu angisho ukuthi angifuni ukuwina kepha kumqoka ukuthi sakhe kumbe siqinise ubudlelwane esinabo ngamaqembu aholela abadlali esibasebenzisa kweyesizwe.” ahluleka wukumshaya.
“Lokhu ngeke kwenzeke ngaphandle kokuzinikela nokuzimisela kwabadlali. Siyiqembu elisuka kwiNFD ngakho-ke okuningi kusha kithina. Into esizayo ezimeni ezifana nalesi wukuthi nizazi nina ukuthi yini eningayenza bese nizimisela kakhulu ngokusebenza. Abadlali enginabo ngibaphiwe yiNkosi. Bazimisele ngokusebenza ngaso sonke isikhathi. Bayangilalela kukho konke engibatshela khona.
“Yebo ngizishaya isifuba ngesesikwenzile kodwa futhi ngikuqonda kahle ukuthi konke bekungeke kuphumelele ukuba laba badlali enginabo abahloniphi ngale ndlela. Uyazi ungazitshela ukuthi abafana abancane kodwa amadoda emizi yawo ahlonipha ngale ndlela exakayo,” usho kanje u-ODG ekhuluma noPotshoza eMphithi ngoLwesihlanu oludlule.