Izipho ezingambi eqolo ongazithengela abathandiweyo
SEKUFIKE leso sikhathi lapho abantu becabanga ukuthi yiziphi izipho abangazithengela abathandiweyo babo njengoba kusondele uKhisimusi nemicimbi yokuvala unyaka.
Ngenxa yesimo somnotho esingamile kahle, kumele uqiniseke ukuthi awumoshi imali eningi ukhipha izipho. Khumbula ukuthi akubalulekile ukubiza kwesipho kodwa okubalulekile ukuthi sisuka othandweni. Zikhona izipho ezingakhethile ubulili futhi ezingabizi kakhulu ongazithengela noma ngubani. Nazi ezinye zazo ngezansi. * Okokuhloba emzimbeni Kulokhu sibala izibuko, izigqoko, isikhafu, iwashi nezinye izinto ezincane ezihambisana nemfashini. Lezi zimpahla azikhethi bulili futhi azibizi. Kukuwena ukuthi uhlobo lomuntu omthengelayo luthandani kulezi zimpahla ezibalwe ngenhla. *Isikhwama Akekho umuntu ongasidingi isikhwama ngoba ziningi izinhlobo zazo. Kungaba yisikhwama sokufaka izimpahla zokujima, esokuhamba noma esokuswenka. Abesilisa abanaki ukuthenga izikhwama kanti omunye angasijabulela uma esithola. Nalapho bheka uhlobo nomsebenzi awenzayo bese ubona ukuthi yisikhwama esinjani esingamfanela. *Ezobuchwepheshe Njengoba ukusebenzisa ezobuchwepheshe kungenisile, kungasiza nokubheka kulo mkhakha. Kuningi okuhambisana neselula ongakuthenga njengesipho. Kungaba ipower bank, abaningi abayidingayo kodwa abanganaki ukuyithenga. Ungathenga i-charger yemoto noma ama-head phone noma isikhwama esihle sokukhava iselula. *Izithombe Kuningi ongakwenza ngezithombe, ukhumbuze umuntu izikhathi ezimnandi. Ungaqoqa izithombe ezinhle zomuntu wenze ibhodi elifakwe zona nezomndeni wakhe. Ungakhulisa isithombe esinomlando ngempilo yakhe, usibhale namagama amnandi. Isithombe ungasifaka nasesikibheni usibhale umyalezo, ungasifaka nasenkomishini noma epuletini lokudla. Lokhu kubukeka kukuncane kodwa kungayithinta inhliziyo. *Izincwadi nomculo Lesi kungaba esinye isipho esingakhethi. Uma umuntu ekhonze ukufunda ungambhekela incwadi owaziyo ukuthi izokhuluma naye futhi izokwenza umehluko esimeni sakhe. Kwabanqenayo ukufunda ukuthenga amaCD kungaba elinye icebo.
Umculo ngenye yezinto eyenza abantu bajabule. Khetha uhlobo lomculo aluthandayo.
*Amanye amathiphu athathwe kwi-website yeGifting Made Simple.