Kuklonyeliswe okhuthaza amaphoyisa
UVUNYWE abaphathi bakhe nozakwabo owesifazane ohlanza amahhovisi amaphoyisa obashaye bonke emakhanda kumaSAPS Provincial Excellence Award abese-Coastlands Hotel eMhlanga eThekwini ngoLwesithathu ebusuku.
UNksz Nomalungelo Nzuza waseClermont osebenza ehhovisi elikhulu lamaphoyisa esifundazweni njengeGeneral Worker nogxila kakhulu ekuhlanzeni amahhovisi uhlabane ngendondo ye-Sport Woman of the Year waphinde wavotelwa ozakwabo abangamaphoyisa njengovelele kule miklomelo.
UNksz Nzuza unconywe ngokuzibandakanya kwezemidlalo nokugqugqquzela amanye amaphoyisa ukuba azivocavoce ukuze ezohlale esesimeni esihle somzimba.
UNksz Nzuza ekhuluma neSolezwe uthe ukhonze kakhulu ukugijima.
“Ngingumuntu ongenela imijaho, ngiyagijima koSpar Ladies, kwiMandela Marathon nemijaho yamaphoyisa. Ngize ngiqhudelane namanye amaphoyisa kwezinye izifundazwe. Into engijwayele ukuyenza emsebenzini ukuba ngishumayela ivangeli lokuba amaphoyisa azivocavoce ukuze ezokwazi ukwenza umsebenzi ngendlela,” kusho yena.
UNksz Nzuza uhlabane ngezipho ezehlukene okubalwa uhambo lokutetemuka ngesikebhe, u-R5 000, izicathulo zokugijima, ivawusha ka-R150 yakwa-Spur nokunye.
Abanye abanconywe ngokusebenza ngokuzikhandla uConstable Mbonisi Khomo wasesiteshini sase-Hammarsdale othole indondo ye-Man of the Year ngegalelo lakhe lokusungula ikomiti lezokuphepha emphakathini wakwazi nokucela uxhaso kosomabhizinisi ukuze kwakhiwe ihhovisi le-CPF esiteshini asebenza kuso.
UConstable Khomo uthe uyaziqhenya ngokuba iphoyisa futhi kuningi ahlose ukukwenza.
Kumele siqede lento edumile yokuthi amaphoyisa awawenzi umsebenzi wawo,” kusho uKhomo.
Ibamba lomkhuzi wamaphoyisa esifundazweni u-Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe le miklomelo yenzelwe ukuba kungagcinwa ngokugxeka amaphoyisa uma enze kabi kodwa uma enze kahle kumele abongwe ngokusebenza ngokuzikhandla.
UNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda utshele amaphoyisa abehambele lo mcimbi obuwubukhazikhazi ukuthi akumele ayekelele izigebengu zichanaze, uma ehlaselwa kumele nawo azivikele ngazo izibhamu zomsebenzi. Abanye abaphumelele: * Isiteshi esivelele: Margate * Umphenyi ovelele: Sergeant NE Phetha wasesiteshini Inchanga .
* Ithimba labaphenyi elivele: Isiteshi sase-Margate.
* Administration Team of the year: Umgungundlovu.
* FCS Team of the year: Pinetown FCS
* Woman of the year: Captain J Pillay
* Sport Man of the year: Constable A.Z Mntungwa esiteshini HRD Durban.
* Personal with Disability: Captain GM Ebrahim esiteshini Mountain Rise, nabanye.