Sibi isimo ‘kodutshulwe’ umculi
LISALALISWE esibhedlela ilungu lebhendi kaPhuzekhemisi, uMorning Shezi, okusolakala ukuthi lidutshulwe yile ngwazi ngeSonto ngemuva kwengxabano.
Ngesikhathi uPhuzekhemisi evele enkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko ngecala lokuzama ukubulala nokuphatha isibhamu ephuze uphuzo oludakayo, kuvele ukuthi uMorning udubuleke esifubeni nasesiswini.
Umthombo waleli phephandaba uthe uMorning wadluliselwa esibhedlela esisePort Shepstone ukuze ezolashwa khona.
“Ngimgcine esegunjini labagula kakhulu. Akukubi kakhulu kodwa yingoba kukhona igazi elingene emaphashini. Ngimgcine engakavuki,” kusho umthombo.
Ucingo lukaMorning lulokhu luvaliwe kanti nenombolo yowesifazane okuthiwa uthandana naye ibingangeni.
UMorning udlalela uPhuzekhemisi ama-percussions.
Ngesikhathi evele eNkantolo uPhuzekhemisi, kuvele ukuthi yena noShezi bebeseLovu ngeSonto bephuza ndawonye. Bahamba ndawonye beya esitolo behleli ngemuva nomshayeli wemoto.
“Ufakazi owayeshayela imoto uthi umgilwa waphuma emotweni wabuya washaya isicabha, umsolwa wabe esembiza ngesilima. Kwasuka ingxabano phakathi kukamsolwa nomgilwa ngemuva emotweni. Umshayeli wayeqhubeka eshayela. Ufakazi uthi umsolwa wakhipha isibhamu washaya umgilwa ngesidunu saso, umsolwa wamdubula esiswini nasesifubeni. Umgilwa nomsolwa babe sebebanga isibhamu emotweni saqhuma kwase kubonakala ukuthi umsolwa udubuleke esiphongweni,” kusho umshushisi uCalvin Govender.
UPhuzekhemisi ungaphandle ngebheyili kaR3 000 kanti icala lakhe lihlehliselwe uFebhuwari 15.