Ezokuphepha ziseqhulwini eThekwini
SEKUYISIKHATHI sonyaka lapho khona idolobhakazi iTheku liba matasatasa kakhulu ukwenza amalungiselelo okwamukela izinkulunganwe zezivakashi eziqhamuka kulo lonke izwe.
Umsebenzi lona esiwuthakasela kakhulu kwazise izivakashi zethu zishiya eningi imali edolobheni lethu nokusilekelelayo ukuthi iningi labantu bakithi likwazi ukuxosha ikati eziko.
Ngingasayikhulumi eyamahhotela ethu nezindawo zokudlela ezigcwala phama ngale nyanga.
Emasontweni ambalwa edlule sisebenze ngokuzikhandla ukwenza isiqiniseko sokuthi konke kumi ngomumo ngezinhlelo zangoDisemba njengoba sebeqala ukufika abavakashile.
Njengoba sijwayele ukwenza minyaka yonke, sizophinda futhi senze lawa maholidi kube ngamaholidi amnandi abavakashile abangasoze bawakhohlwa.
Ngiyajabula kakhulu ukubika ukuthi ikomiti leFestive Season Management lenze umsebenzi oncomekayo kakhulu yingakho konke sekumi ngomumo.
Muningi-ke umsebenzi abawenzile phakathi kwawo okuwuhlelo lokuqinisekisa ukuthi izingane azilahleki. Uma izivakashi zethu zifika nje emabhishi kumele zibhalise izingane zazo ukuze zizofakwa ibhengela elinemininingwane yonke yomzali.
Lokhu kusiza ekutheni uma kwenzeka abantwana belahleka kube lula ukubahlanganisa nabazali babo. Abazali abaqinisekise ukuthi uma befika ebhishi bayakwenza lokhu.
Leli komiti laqhamuka futhi nohlelo lokulawula umthamo wezimoto ezingena emabhishi. Kuzoba nemigwaqo ezovalwa thaqa bese kuthi eminye ilawulwe ngalokhu okuthiwa phecelezi ama-boom gates, kuwona kuzobe kukhona amaphoyisa ethu.
Amakhumbi awazovunyelwa ukuthi angene emabhishi kunalokho uma efika eThekwini kuzodingeka ukuthi athulule abagibeli e-Old Drive Inn nokuzothi kamuva bese bethuthelwa emabhishi ngezithuthi ezihleliwe. Senze isiqiniseko sokuthi lapho bezothululwa khona kunezindlu zangasese nezindawo zokuzihlanza.
Senze konke okusemandleni futhi ukuthi idolobhakazi lethu ligcineke lihlanzekile ikakhulukazi emabhishi. Yingakho amathimba azoqoqa udoti emi ngomumo.
Lawa mathimba ahlanganisa navela kosonkontileka abancane. Azosebenza izikhawu ezahlukene, isibonelo nje, kukhona abazosebenza kusuka ku-6 ekuseni kuya ku-2.30 ntambama, ngo-3 ntambama kuya ku-11 ebusuku nango-10 ebusuku kuya ku-5.30 ekuseni. Siyacela izivakashi zethu zonke ukuthi zisilekelele ngokuthi udoti ziwufake emigqonyeni ebekwe kulo lonke idolobhakazi lethu.
Ezokuphepha sizibeke eqhulwini njengoba sekube nemihlangano eminingi phakathi kwamaphoyisa ethu ngokunjalo noSAPS. Sime ngomumo ukuvimba noma ngabe hlobo luni lobugebengu ngoba kuwumsebenzi wethu ukuthi senze isiqiniseko sokuthi izivakashi zethu zonke zibuyela ekhaya ziphephile. Kumanje nje senza umsebenzi wokuthi sengeze amakhamera futhi sibuka nodaba lokuthumela ama-drones azobe endiza kuwo wonke amabhishi ethu ukusibhekela izaphula mthetho.
Asikuqonde ukuthi utshwala abuvunyelwe emabhishi futhi abazotholakala bephuza esidlangalaleni bazobhekana nengalo yomthetho. Sithanda ukuxwayisa labo abazoshayela bephuzile ukuthi uKhisimusi bangase bawudlele esitokisini.
Sicela abavakashi abazobe beshayela amabanga amade belibhekise kwelikaBhanana ukuthi bashayele ngokukucophelela futhi bahloniphe nemithetho yemigwaqo. Masikujwayele futhi ukuthi uma sizizwa sesikhathele, siphumule ngoba lokho kosilekelela ekutheni kunciphe izingozi emigwaqweni. UMnuz Sipho Nzuza uyiMeneja kuMasipala weTheku