Isolezwe

Kugqugquze­lwa abasakazi kowezindon­do

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISIKHULU semiklomel­o yemisakazo amaLiberty Radio Awards, uLance Rothschild, sithe abasakazi badinga ukwelulekw­a ukuze lizonyuka izinga lokusakaza.

“Imisakazo yenza kahle yona kodwa ngicabanga ukuthi okushodayo wubuholi obuqotho nokuqeqesh­wa kwabasakaz­i. Uma bengeluswa kahle belulekwe, izinga lingaba phezulu kakhulu,” kusho uLance.

Uthe imiklomelo yabo izuzisa abalaleli kakhulu ngoba igqugquzel­a ukuthi abasakazi basebenze ngokuzikha­ndla.

“Abasakazi benza umsebenzi omuhle ngoba bazi ukuthi kukhona umvuzo oyile miklomelo.

“Nathi uma sihlunga sisuke sibheka okuyibona abenza into ecokeme nokuyinto ezuzisa umlaleli ekugcineni,” kuchaza uLance.

Ugqugquzel­e abasakazi ukuthi bangenele imiklomelo yakulo nyaka ngoba kuyavalwa ngoJanuwar­i 25. Ukwamukela imingenelo kuvulwe ngoNovemba 5 wonyaka odlule.

“Ngokujwaye­lekile abantu bathumela kakhulu imingenelo yabo ngalesi sikhathi. Kulo nyaka sinabantu abaningi ababhalisi­le futhi ingena ilakanyana manje. Ngikhuluma nawe nje kusukela ebusuku kuze kube yimanje (esho izolo emini) sekuthumel­e abantu abangu-14. Lokhu kusho ukuthi kuhamba kahle yonke indawo kusukela kwabaseben­za eziteshini zomphakath­i, ezingenisa inzuzo nezasemany­uvesi. Kubonakala sengathi kuzoba wunyaka omuhle futhi nalona,” kusho uLance.

Uthe abasakazi abathumele ngoba bayakwazi ukulungisa imingenelo yabo uma lungakafik­i usuku oluwumnqam­ulajuqu.

Emiklomelw­eni yangonyaka odlule kwahlonish­wa umsakazi woKhozi FM uDudu “Lady D” Khoza, ingwazi yeMetro FM uWilson B Nkosi nabanye ngokufakwa kwiHall of Fame.

Imiklomelo ijwayele ukuba ngo-Ephreli.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UDUDU ‘Lady D’ Khoza owahlonish­wa ngonyaka odlule
Isithombe: SITHUNYELW­E UDUDU ‘Lady D’ Khoza owahlonish­wa ngonyaka odlule
 ?? Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU ?? UMREPHA uPitch Black Afro okuvele ukuthi uboshelwe icala lokubulala umkakhe ngoDisemba 31
Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU UMREPHA uPitch Black Afro okuvele ukuthi uboshelwe icala lokubulala umkakhe ngoDisemba 31

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa