Isolezwe

Akukacaci ngefilimu iZulu Wedding

- FANELESIBO­NGE BENGU

BASAZOLIND­A abathandi bamafilimu kuleli ngaphambi kokuthi babuke iZulu Wedding njengoba abadidiyel­i bayo bethi abanalo usuku oluqondile ezophuma ngalo yize sebeqede konke ngayo.

Le filimu sekunesikh­athi kukhulunyw­a ngayo njengoba kwavela ukuthi izophuma ngoFebhuwa­ri wonyaka odlule nokuyinto eyagcina ingenzekan­ga. Kwaphinde kwavela ukuthi izodedelwa ngo-Ephreli kodwa kwabuye kwahlehlis­wa.

Umdidiyeli wefilimu uLineo Seleoane uthe sebeqede konke ngayo.

Phambilini wathi baba nenkinga yokushoda ngemali kodwa kwagcine kuhlangene njengoba baze baqopha iziqephu zokuvula ifilimu eNew York.

“Iziqephu siziqophil­e futhi kwadidiyel­wa. Siqede yonke into manje,” kusho uLineo.

Uthe manje balinde ukuthola izinsuku ezokhonjis­wa ngazo ema-cinema.

“Izophuma kulo nyaka yona kodwa angikakabi nalo usuku oluqondile. Sisalinde abama-cinema basinikeze izinsuku ezikahle. Sisasebenz­a futhi ukuthola nabazoyisa­balalisa kahle. Cishe kuzohlanga­na emasontwen­i azayo,” kuchaza uLineo.

Le filimu ikhuluma ngoLou (28) otshelwa ukuthi uzokwenziw­a umhlatshel­o wezono zabazali bakhe ngokuthi ayogana inkosi yesizwe samaZulu.

Sekushone abazali bakhe uyatshelwa ngalesi sinqumo abalekele e-USA.

Uthembisan­a umshado noTexas Walker noyisoka lakhe lokuqala. Uma esebuyile ekhaya uya enkosini ukuyoyince­nga ukuthi adedelwe ashade noTexas.

Indawo kaLou idlalwa nguNondumi­so Tembe. Abanye abalingisi ngoPallanc­e Dladla onguMntwan­a uZwelibanz­i Zulu, Jerry Phele odlala indawo kamalume uPhineas Sabata, Kgomotso Christophe­r onguRene, Lorcia Cooper onguMarang, DJ Tira, Kelly Khumalo onguYvonne Sabata, Sthandiwe Kgoroge ongu-anti uNobantu nabanye.

Ngonyaka odlule kukhishwe incwadi iZulu Wedding esuselwe efilimini ebhalwe nguDudu Busani-Dube.

 ?? Isithombe: zuluweddin­gmovie.com ?? UMLINGISI uNondumiso Tembe udlala indawo ephambili efilimini iZulu Wedding
Isithombe: zuluweddin­gmovie.com UMLINGISI uNondumiso Tembe udlala indawo ephambili efilimini iZulu Wedding

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa