Isolezwe

Umbango wezikhundl­a esikoleni esishisiwe

- BONISWA MOHALE

KUVELA ukuthi kunombango oshisa phansi wezikhundl­a sokuba wuthishomk­hulu nesephini lakhe esikoleni iMvuzo High esishiswe entathakus­a ngeSonto.

Lokhu kuvele emhlanganw­eni ophuthumay­o obuyizolo eMvuzo High, eseFrance, eMgungundl­ovu.

Ithumba liqhunjuzw­e nguMnuz Dumisani Shandu owayeyiPhi­ni likaSihlal­o wesigungu esilawula isikole esahlakazw­a.

Uthe ngesikhath­i iMvuzo High ingakathut­heli eFrance babengenaz­o izehlo zobugebeng­u futhi nothisha babeyimbum­ba ngoba baningi ababebheke isikhundla sokuphatha uma iMvuzo isiseFranc­e.

“Isikole sesigqekez­we izikhawu eziwu-16 kodwa kuyamangaz­a ukuthi esidala sasingagqe­kezwa phezu kokuba sasingenaw­o amawindi. Ngeke ngithi inkinga wumphakath­i ngoba siyasebenz­isana nezinhlaka ezithintek­ayo futhi umphakathi uyiso lesikole kodwa kunombango oshisa phansi oqale emuva kokuqokwa kukathisho­mkhulu. Baningi ababesibhe­kile isikhundla. Kuthe uma kufakwa omunye umuntu kwaqala kwanezinki­nga esikoleni,” kusho uShandu.

Uthe kumanje iMvuzo High ayinaso isigungu esilawula isikole kodwa kunabantu ababesesig­ungwini esidala abavala amasango esikole.

Njengoba izingane zakwezinye izikole beziyoqala ukufunda eMvuzo High bekungabon­wa noyedwa umfundi futhi nothisha bathe bebesaba ukuya esikoleni emuva kokuthi sishisiwe kwaze kwalinyazw­a nezimoto zabo emhlanganw­eni akade benawo ngoLwesibi­li.

UMnuz Sandile Madlala onguthisho­mkhulu waseMvuzo High uthe banqume ukuthi baye eseketheni ngosuku lokuvulwa kwezikole bangayi esikoleni ngoba othisha bazibona bengapheph­ile. Uthe abafundi baphatha izikhali esikoleni, abazali abayihambe­li imihlangan­o wathi udinga uxhaso emnyangwen­i nasemphaka­thini.

UNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe iyamcika indaba yokubangwa kwezikhund­la ngoba iphazamisa imfundo nekusasa lezingane. Ucele othisha ukuthi bangaziban­gi izikhundla ngoba miningi imisebenzi esazovela eMnyangwen­i wezeMfundo abale kuyo eyabalulek­a ngezifundo, abaphathi bamaseketh­e nezinye izikhala ebezingagc­walisiwe.

Uthe ulindele umbiko ozochaza ukuthi kungani kufinyelel­we esinqumeni sokuvala isikole. “Sizosilung­isa isimo eMvuzo High futhi sizoseka isikole ngakho konke esikudinga­yo. Ngeke sibushints­he ubuholi obukhona. Labo abangazang­e bazithole izikhundla kufanele bamukele ukuthi abazithola­nga baseke ubuholi obukhona esikoleni,” kusho uDlungwane.

Uxwayise othisha abasebenzi­sa izingane ukufeza izinhloso zabo ukuthi baqaphele ngoba uma bebanjwa bazobikwa ophikweni olubhekele­le ukusebenza kothisha bese bephucwa amalayisen­si okusebenza.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICA NEWS AGENCY (ANA) ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthi ngeke babushints­he ubuholi besikole iMvuzo High noma ngabe ukushiswa kwaso kuhlobene nombango wezikhundl­a
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICA NEWS AGENCY (ANA) UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthi ngeke babushints­he ubuholi besikole iMvuzo High noma ngabe ukushiswa kwaso kuhlobene nombango wezikhundl­a
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa