Isolezwe

UNyazi lukhulekel­e ukuthula eKZN

- MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI webandla lakwaShemb­e uMduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe ukhulekele ukuthi isifundazw­e iKwaZulu-Natal sibe nokuthula kuphele nokubulala­na.

UNyazi belukhulek­a entabeni iKhenana Ozwathini lapho ibandla belikade livakashel­we ubuholi be-ANC bukazwelon­ke nesifundaz­we izolo.

UMengameli uCyril Ramaphosa naye bekulindel­eke ukuthi afike kodwa wagcina engafikang­a ngoba kuthiwa indiza yakhe iphazanyis­we yinkungu ebikhasa phansi entabeni.

“Ngiyakhule­ka ukuthi isifundazw­e sethu sibuswe ngokuthula iphele indaba yokubulala­na, ikakhuluka­zi kosopoliti­ki,” kusho uNyazi.

Lukhulekel­e nokuthi kube nokuthula njengoba kuza ukhetho. Lukhale ngamasela aqola abantu ebandleni lalo. “Kunabantu lapha abangcolis­a igama lebandla abenza izinto ezingalung­ile bafike bathi bagcwalisa amabhethri amaselula abantu bagcine sebebaleka nawo. Leyo nto ayilungile iyasilimaz­a siyibandla.”

Lunxuse amalungu ebandla ukuba aziphathe kahle ntabeni. “Noma ngabe kuthiwa uyisoka elinjani kodwa ungahlanga­ni nomuntu wakho ngoba uma wenza lokho uzoyithola induku bese ugijima uya emaphoyise­ni. Angikugqug­quzeli ukushaywa kwabantu yilabo abagada umuzi kodwa namalungu ebandla awangazenz­i izinto ezingalung­ile,” kusho uNyazi.

USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ogcine esekhuluma egameni lenhlangan­o ngemuva kokungafik­i kukaRamaph­osa, uthe isizathu sokuvakash­a kwabo ebandleni wukuthi bazothola izibusiso ikakhuluka­zi njengoba kubhekwe okhethweni.

“Umbutho kaKhongolo­se unobudlelw­ane obuhle nebanda lakwaShemb­e okungeliny­e lamabandla amadala elasungulw­a ngaphambi kokuthi kusungulwe i-ANC. Umengameli wokuqala wayo, uDkt Langalibal­ele Dube, ubenobudle­lwane obuhle noMqaliwen­dlela, inkosi Isaiah Shembe.”

Uthe enye into abebezoyic­ela enkosini wukuthi ikhulekele indaba yokuthi kuphele isihlava sokubulawa kosopoliti­ki.

 ?? Isithombe:MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthathwe nenkosi yamaQadi, uMnuz Mqoqi Ngcobo, ngesikhath­i evakashele eKhenani
Isithombe:MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthathwe nenkosi yamaQadi, uMnuz Mqoqi Ngcobo, ngesikhath­i evakashele eKhenani
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa