Isolezwe

URamaphosa unxuse abe-ANCYL ukuthi basebenze kanzima

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa unxuse amalungu e-ANCYL ukuba asebenze kanzima ukuze aklonyelis­we ngezikhund­la kuhulumeni.

Ekhuluma emgubhweni wokubungaz­a iminyaka engu-60, kwasungulw­a i-ANCYL kukhunjulw­a noMnuz Peter Mokaba owake waba ngumengame­li walolu phiko enkundleni yezemidlal­o eCato Crest eThekwini izolo, uRamaphosa uthe utuse amagalelo abantu abasha wathi babambe iqhaza alibalulek­ile ekwakheni izwe. Uthe ziningi izinto esezizuziw­e eziqalwe i-ANCYL. “I-ANCYL iyona eyaqala yakhuluma udaba lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwezinxeph­ezelo, manje simatasa nalolo hlelo, phezu kwalokho abantu abasha bathi akube nemfundo yamahhala. Kumanje kunohlelo lwemfundo yamahhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme,” kusho uRamaphosa.

Uthe enye into ezuzwe abantu abasha ukuthi kuqedwe indaba yokuthi kufunakale isipiliyon­i ukuze baqasheke. “Njengoba i-ANC kade ihlanganis­a uhlu lwabaholi abazongena ePhalamend­e nakwiziSha­yamthetho ngingakuqi­nisekisa ukuthi ukhona u-20%, wabantu abasha.”

Uphinde wanxusa amalungu e-ANCYL ukuba kube iwona ahola umkhankaso we-ANC njengoba kuyiwa okhethweni nonyaka.

“Kunabantu abangu-3 million iningi labo okungabant­u abasha abangakubh­aliselile ukuvota, ngemuva komgubho weJanuwari 8, ngoMgqibel­o phumani niyobanxen­xa labo bantu ukuba babhalisel­e ukuvota ukuze bavotele i-ANC,” kusho uRamaphosa.

Uthe i-ANC iyalidinga ivoti lalabantu abangabhal­isile ukuze ikwazi ukunqoba ukhetho ngamalengi­so.

“Abantu abasha ibona abakwazi ukukhankas­a kahle ngoba basanomdla­ndla, sicela nisihole ukuze sizonqoba ukhetho khona sizokwazi ukuhloniph­a ngendlela efanele uMokaba,” kusho uRamaphosa.

Uthe abantu abasha kumele babuke uMokaba njengesibu­ko.

Uchaze uMokaba njengomhol­i owayenesib­indi futhi ekhaliphil­e.

“Ukusebenza kanzima kukaMokaba ikona okwamenza waze wathenjwa ngisho umengameli wokuqala wentando yeningi uDkt Nelson Mandela owamqokqa wamenza iphini likanggong­qoshe kwikhabhin­ethi yakhe,” kusho uRamaphosa.

Uphinde wanxusa amalungu e-ANCYL ukuba aqhube umkhankaso wokugqugqu­zela abantu abasha ukuba bafunde ngoba yibona abayikusas­a lezwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa