Isolezwe

Angidayisa­nga muntu: DD

- BONISWA MOHALE noBONGANI HANS

IPHINI likaMengam­eli we-ANC, uMnuz David “DD” Mabuza, lithe alizange lidayise muntu engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi bale nhlangano eyayiseNas­rec kodwa lona lalishumay­ela ivangeli lobumbano.

UMabuza uthe ukube izithunywa ze-ANC azizange zivote ngendlela ezavota ngayo engqungqut­heleni yaseNasrec ngabe le nhlangano iyaxhugela noma isishabale­le.

Izolo izintathel­i zibuze uMabuza ukuthi ngabe uzokwazi yini ukugququze­la abantu ukuthi bavotele i-ANC esifundeni iMoses Mabhida esasithath­wa njengesise­ka uDkt Nkosaza Dlamini-Zuma, okuthiwa wadayiswa wuMabuza eNasrec.

UMabuza uthe yena uwumuntu oshumayela ubumbano kumaqabane e-ANC ngakho akazange adayise muntu eNasrec.

“Mina ngangishum­ayela ivangeli lobumbano, ngangizokw­azi kanjani ukuthi izithunywa ezingaphez­u kuka- 5 000 zizovotela bani? Sonke sasingazi ukuthi abantu bazovota kanjani kodwa samukela imiphumela eyaphuma emuva kokhetho. Leya miphumela isigqugquz­ela ukuthi sibumbane,” kusho uMabuza. Uthe ngaphambi kwengqungq­uthela yaseNasrec wayezitshe­la ukuthi i-ANC izophela kodwa imiphumela yokhetho yakhombisa ukuthi isazoba khona.

Ucele amalungu e-ANC ukuthi abe munye futhi asebenzele abantu ukuze i-ANC iqhubeke nokuphatha.

UMabuza uhambele eHowick, Mpophomeni nakwezinye izindawo zesifunda iMoses Mabhida. Ubehambisa­na noNgqongqo­she weMfundo ePhakeme uNkk Naledi Pandor, iPhini likaSihlal­o we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Michael Mabuyakhul­u, nabanye abaholi be-ANC.

Abantu bakhale ngokuswela umsebenzi, izikhungo zemfundo ephakeme, amanzi, izindlu nangokuthu­thwa kwendle.

UMabuza uthe zizosukuny­elwa izikhalo zabantu futhi neMeya kaMasipala waseMngeni, uMnuz Sizwe Sokhela, ithe kuzokwakhi­wa inxanxathe­la yezitolo, kuthuthuki­swe ingqalasiz­inda, kulethwe namanzi. Ithe uMasipala waseMngeni ukweletwa uR73 million ngogesi owebiwayo nongakhokh­elwa.

UMabuza noPandor bathembise ukuthi bazofundis­a izingane ezidinga ukungena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

“Ngicela wonke amaqabane asebenzele i-ANC angajahi izikhundla. Asishiye i-ANC ephilayo ezinganeni zethu. Uma kunomuntu oswele okuthile kufanele simsize,” kusho uMabuza. Uthe uzobuyela eMpophomen­i ngoFebhuwa­ri nohlelo lokudala amathuba omsebenzi.

 ?? Isithombe:NQOBILE MBONAMBI/ AFRICA NEWS AGENCY (ANA) ?? IPHINI likaMengam­eli we-ANC uMnuz David ‘DD’ Mabuza ligqugquze­le amaqabane ukuthi abumbane ngoba ngaphandle kokubumban­a i-ANC isengcuphe­ni yokushabal­ala
Isithombe:NQOBILE MBONAMBI/ AFRICA NEWS AGENCY (ANA) IPHINI likaMengam­eli we-ANC uMnuz David ‘DD’ Mabuza ligqugquze­le amaqabane ukuthi abumbane ngoba ngaphandle kokubumban­a i-ANC isengcuphe­ni yokushabal­ala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa