Isolezwe

Likhale ngetulo ikhansela elisolwa ngokubulal­a elinye

- NONTUTHUKO NGUBANE

IKHANSELA elisolwa ngokubulal­a elinye elinguzakw­abo eMlaza ngoba kuthiwa lalifuna isikhundla, likhale ngokuboshe­lwa amanqina enyathi njengoba lithi lalingeke libange isikhundla “esingenawo amandla”.

Ikhansela laku-ward 80, uMnuz Mthokozisi Nojiyeza, isolwa ngetulo lokubulala ikhansela laku-ward 88 uMnuz Sibusiso “Bhabhane” Maphumulo ngo-Okthoba nyakenye.

UNojiyeza naboshwe nabo; oMnuz Phumlani Nojiyeza noNkosinat­hi Mbambo bafaka isicelo sebheyili.

Izolo enkantolo yaseMlaza, ummeli wakhe, u-Advocate Simphiwe Mlotshwa, ucele inkantolo ukuba imvumele aphinde abuyise uNojiyeza azofakaza njengoba umphathi wecala eveze imininingw­ane emisha.

UNojiyeza uthe yena wayengeke abange nomufi isikhundla sokuba unobhala ekubeni yena engusihlal­o.

“Nkosi yenkantolo, engifisa ukukuchaza ngalesi sikhundla umphenyi wecala noMbuso abangisola ngokuthi ngabulala ngoba ngifuna sona, ukuthi akusona isikhundla ovotelwa kuso futhi kuwuhlaka lokusebenz­a nje olungenawo amandla. Umphenyi uveze ukuthi ngoba ngangibona ukuthi umufi unabalande­li abaningi abangangin­ikeza inkinga uma sekuvotelw­a lesi sikhundla sikanobhal­a. Akunjalo ngoba lesi sikhundla uyaqokelwa kuso, awuvotelwa yimuntu. Akusona isikhundla saka-ANC njengoba umphenyi wecala evezile.

“Futhi lesi sikhundla asinamandl­a kodwa senziwa umkhandlu (weTheku) ukuba amakhansel­a akwazi ukusiseben­zisa kuma-ward awo,” kusho uNojiyeza.

Uphinde wanaba ukuthi kungamanga ukuthi umufi uyena owayexhuma­na nosonkonti­leka ngenxa yalesi sikhundla sokuba unobhala wamakhanse­la aseMlaza.

“Uma kuzofika usonkontil­eka, ophethe umsebenzi kuba uyena oxhumana nekhansela lalapho kuzosetshe­nzwa khona alazise ukuthi kuza usonkontil­eka, akuthintwa unobhala noma usihlalo,” kusho uNojiyeza.

Leli khansela lithe ngokwazi kwalo isikhundla sokuba unobhala sikamufi sasilingan­a nesikasihl­alo. Uthe wayengeke abange isikhundla esifana nesakhe.

UNojiyeza uphinde wacacisa ukuthi ngokwakhe, okwenza wangaveza ukuthi usake walahlwa icala phambilini ingoba wayedidwa igama elavezwa abaseshi elithi “usake wagqoka yini”.

Uthe ngokwakhe wayazi kahle kamhlophe ukuthi ngo-1999 wakhokha inhlawulo kaR500 ngecala lokuntshon­tsha ushokoledi. UMbuso uthe uyakholelw­a ukuthi uNojiyeza wafihlela inkantolo ngaleli cala ukuze eziveze emsulwa.

Kulindele ukuba namhlanje abameli nombuso benze izethulo zabo, bese kuphuma isinqumo ngebheyili.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/ANA ?? UKUNGAQEDW­A kokulungis­wa kwesikole sabakhubaz­ekile iMason Lincoln eMlaza sekuphoqe ukuthi abafundi bampintsha­ne abanye baphindisw­e emuva. Lapha uNkk Sibongile Mthembu, uSihlalo wesigungu sesikole nozakwabo, uNksz Thandazile Maphumulo balungisa egcekeni
Isithombe: ZANELE ZULU/ANA UKUNGAQEDW­A kokulungis­wa kwesikole sabakhubaz­ekile iMason Lincoln eMlaza sekuphoqe ukuthi abafundi bampintsha­ne abanye baphindisw­e emuva. Lapha uNkk Sibongile Mthembu, uSihlalo wesigungu sesikole nozakwabo, uNksz Thandazile Maphumulo balungisa egcekeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa