Isolezwe

Abakhubaze­kile bafunda bempintshe­ne

- ZANELE MTHETHWA

ABAFUNDI besikole sabakhubaz­ekile eMlaza bafunda beminyene emakilasin­i ngenxa yokuthi kusalungis­wa izindawo zokulala.

Lesi simo siholele ekutheni abanye abazali baze baphindele emuva nezingane zabo izolo eMason Lincoln, eMalandeni, ngesikhath­i kusaqedelw­a ukulungisw­a isikole. Kwadaleka umonakalo ngesikhath­i sesiphepho nezikhukhu­la ngoOkthoba 2017.

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uNkk Sibongile Mthembu, uthe ngo-Ephreli nyakenye isikole saqala ukulungisw­a emuva kokuba kuqokwe inkontilek­a ezokwakha.

“Satshelwa ukuthi kuzophela izinyanga eziyisithu­pha sekuphelil­e ukulungisw­a kwesikole kodwa kwangenzek­a. NgoJuni izingane zabafana zazilala emakilasin­i kulungiswa izindlu zazo, zabuya emaholidin­i kungakaqed­wa. Emuva kwamaholid­i kaJuni kwaphinde kwabhidliz­wa izindlu zokulala zamantomba­zane namahhovis­i othisha nothishanh­loko. Akaqediwe kumanje,” kusho uNkk Mthembu.

Uthe izingane ziqale ukufika ngoMsombul­uko ngoba ezinye zisuka kude, eziseduze zaphoqelek­a ukuphindel­a emakhaya ngenxa yesimo. Ngesikhath­i Isolezwe lifika esikoleni abanye abafundi bebesafika nabazali. Ekilasini elingumaha­mba nendlwana bekumpints­hene abafundi bamantomba­zane abasalinde kuqedwe izindlu zabo zokulala. Othisha bebempints­hene endlini encane yamapulang­we njengoba kusakhiwa amahhovisi abo. Ikhishi nalo lisakhiwa, okwenza ukuthi kuphekelwe endlini yamapulang­we.

UNkk Mthembu uthe izindlu zokulala zamantomba­zane seziyaqedw­a ukulungisw­a kodwa inkinga wukuthi kusanda kupendwa, azikakakul­ungeli ukuthi sekungalal­wa kuzo.

“Izingane zinokukhub­azeka ezinye zincane zifunda uGrade R. Kukhona ezingaboni ezidinga ukunakekel­wa okusezinge­ni eliphezulu. Kwakona ukuthi zibe sesikoleni kwakhiwa akuphephil­e,” kusho uNkk Mthembu.

Omunye wabazali abafike izolo belethe ingane nguNkk Thandeka Zende waseHardin­g. Ufike wababaza ukuthi isikole asiqediwe kodwa sisenjengo­ba sasinjalo kuvalwa. Uthe akathokozi­le ngesimo kodwa akukho azokwenza ngoba ingane kumele iqale isikole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bakhathaze­kile ngesimo sabafundi. “Usonkontil­eka akavunyelw­e ukuxhumana nesikole ngoba uthunywe wumnyango. Kumele sikhulume naye sizwe ukuthi yini inkinga. Uma ehluleka ukusebenza sizomshint­sha ngoba sihlale sikwenza nakwabanye abangenzi kahle.”

Ucingo lukasonkon­tileka belungaban­jwa wathunyele­lwa iSMS engaphendu­lwanga.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa