Isolezwe

Ulaxaze uKhongolos­e wajoyina i-ATM

- MHLENGI SHANGASE

OWAYEKHULU­MELA uhulumeni wakuleli uMnuz Mzwanele Manyi ulaxaze uKhongolos­e izolo wajoyina i-African Transforma­tion Movement (ATM).

UManyi uthe isinqumo sokuthi ashiye i-ANC yingoba le nhlangano isiphamben­e nemigomo eyasungulw­a ngaphansi kwayo.

Uthe lokhu kubonakala ngokuthi ingqungqut­hela ifike inqume bese lezo zinqumo zingalande­lelwa ngubuholi obuphezulu. “Ngifinyele­le esinqumeni sokuthi ngoba i-ANC isikhathel­e, isiyacwila nokuthi ayisaseben­zi ngokwezimi­so zayo ukuthi ngiyishiye le nhlangano ngoba ibuyisela emuva lokho okwalwelwa kanzima. Le nhlangano isilahleke­lwe wukwethenj­wa ngokuhlule­ka ukukhulula abantu bakuleli.”

Uthe unyaka odlule iwona omenze wanquma ukushiya i-ANC. “Asivumele i-ANC ithathe impesheni ukuze kufakwe abantu abasha, abanegazi elisheshay­o. I-ATM yintsha ayinawo umlando wenkohlaka­lo nezethembi­so ezingafezw­a.”

Leli qembu lasungulwa nyakenye nguMnuz Vuyolwethu Zungula nabanye abaholi beSA Council of Messianic Churches of Christ. UManyi uyilungu leBantu Church of Christ abaholi bayo abasungule i-ATM.

Ememezela ukujoyina leli qembu uManyi ukhale ngokuthi i-ANC ayenzanga lutho ngesikhath­i iMultichoi­ce inqamula ukusebenza kwe-ANN7 emoyeni.

Uthe abasebenzi abangu-500 balahlekel­wa ngumsebenz­i ngesikhath­i kuvalwa lesi siteshi sethelevis­hini akuthenga emndenini wakwaGupta nephepha iNew Age ngoR450 million. “I-ANC ayishongo lutho abantu belahlekel­wa ngumsebenz­i. I-ANC ayilaleli kunamadolo­bha angalungis­iwe sekuphele inqwaba yeminyaka kwatholaka­la intando yeningi. Abafundi baphonseka ezindlini zangasese bafe kodwa akekho umuntu othathelwa izinyathel­o ngalokho,” kusho uManyi.

Uthe ezinye zezizathu ezenze ashiye uKhongolos­e ngukuthi i-ANC ibonakala ingafuni ukuthatha umhlaba ngaphandle kwezinxeph­ezelo okungenye yezinto okwavunyel­wana ngazo eNasrec.

Okunye ngukuthi le nhlangano ayifuni ukubhekana nezinto ezithinta izinguquko.

Uthe kodwa akazange ajoyine leli qembu ngoba eyilungu leBantu Church of Christ wathi ibandla aliyona ingxenye yaleli qembu.

UManyi noMnuz Hlaudi Motsoeneng ngabanye babantu abashiye uKhongolos­e njengoba ngoDisemba uMotsoenen­g wasungula iqembu elisha.

UMotsoenen­g wathi iqembu lakhe i-African Content Movement lizogxila ekuqedeni indlala, ukubuyiswa komhlaba ukufundisa abangafund­ile nokunye.

 ??  ?? MZWANELE MANYI
MZWANELE MANYI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa