Isolezwe

UPandor ugxeka izitshuden­i

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, usegxeke izinhlanga­no zezitshude­ni ezigqugquz­ela labo abangenazo izikhala ukuthi baziyele mathupha kulezi zikhungo ukuze bathole izikhala.

UNkk Pandor uthe leli khwelo liyingozi ngoba lingaphaza­misa ukusebenza kwezikhung­o.

“Ukugqugquz­ela izitshuden­i ukuthi zigasele ezikhungwe­ni ziyofuna izikhala kunobungoz­i ngoba kungenza izikhungo zingakwazi ukusebenza. Kungancish­a labo abamukelwe ithuba lokuthi bafunde,” kusho uNkk Pandor.

Ukusho lokhu kulandela ukuphawula kwe-EFF neSasco ngokuthi kumele izitshuden­i ziyofuna izikhala zokufunda.

Uthe kulo nyaka amanyuvesi angu-26 azokwamuke­la izitshuden­i ezintsha ezingu-210 801.

Zingu-322 438 izitshuden­i ezizokwamu­kelwa emakolishi amakhono, amaTVET.

“Abafaka izicelo babazi ukuthi isikhwama esixhasa ngezimali sizovala iwindi lezicelo ngoNovemba 30. Kumele ngikucacis­e ukuthi izikhala ezikhona zisuke zisohlelwe­ni lomnyango kanti kumele sigweme ukuthi kugcwale kakhulu ngoba nengqalasi­zinda ayikho ezingeni.”

Ugcizelele ukuthi izikhungo azikwazi ukwamukela abantu abevile ezikhaleni ezikhona.

“Akubona bonke abafake izicelo abazothola izikhala zokufunda.”

Unxuse ukuthi abafuna izikhala zokufunda ukuthi bafake izicelo kwiCentral Applicatio­ns Clearing House (CACH).

“Izikhungo kumele ziyalele abafuna izikhala kwiCACH. Abafuna izikhala bangaxhuma­na neCACH ngeSMS ku:49200 noma basebenzis­e i-website ku:www. cach.dhet.gov.za.”

Uthe iNSFAS ngeke izamukele izicelo zabazozifa­ka manje.

“Labo abathola izikhala kwiCACH kungenzeka bathole uxhaso kwiNSFAS. Izonyuka imali yokuxhasa izitshuden­i isuka kuR14.19 billion iya kuR24 billion.

Uthe bonke abebexhasi­we ngeke bayikhokhe imali yokubhalis­a.

“Kulabo abasha, bazothola uxhaso uma sebesayine isivumelwa­no noNSFAS sebebhalis­ile. Izikhungo zizonikwa imali ukuze zixhase abafunda ngeNSFAS.”

Khonamanja­lo; zifinyelel­e kwangqinge­tshe izingxoxo phakathi kwe-Unisa nomkhandlu wezitshude­ni ngezinto eziningi ezifunwa yilo mkhandlu okubalwa ukunikwa kwesitshud­eni ngasinye i-laptop noR5 000.

Umkhandlu ufuna kubhaliswe abafuna ukwenza iziqu ezehlukene, inganyuswa imali yokufunda nezinye izinto.

Isikhungo sithe abaqhubeke babhalise nge-internet.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa