Isolezwe

Kukhalwa ngomgwaqo odala izingozi

- ZANELE MTHETHWA

KUKHALWA ngomgwaqo okuthiwa usudala ngisho izingozi ngenxa yokungalun­giswa kwawo eMandaba eNkandla. Isolezwe lithole ngelungu lomphakath­i elikhala ngokuthi sekunesikh­athi eside bezama ukucela usizo ngalo mgwaqo, osekunzima nokuthi kuhambe izimoto kuwo uma izulu linile.

Kuthiwa nebhuloho elifakwe kulo mgwaqo lakhiwa kudala futhi alisekho esimeni esihle, okwenza ngisho ama-ambulensi angakwazi ukufinyele­la emphakathi­ni uma kunezimo eziphuthum­ayo. Kubikwa ukuthi kukhona nezikole eduze kwalo, abafundi nothisha abaliseben­zisayo baba nenkinga uma linile.

UMnuz Thami Ntuli oyiMeya yaseNkandl­a ophinde abe yikhansela ewadini okukhona kuwo lo mgwaqo, uthe uyazi ngawo. Uthe kukhona nelungu lomphakath­i elike lambhalela likhala ngalesi simo. Uveze ukuthi ungaphansi kwezinhlel­o zoMnyango wezokuThut­ha.

“Ibhuloho lomgwaqo lakhiwa kudala futhi umgwaqo uke ufakwe inkwali uma likade linile ukuze kuhambeke. Akuwona lo mgwaqo onenkinga kuphela kodwa miningi eshelelayo, umnyango uyazi ngayo. Sesikhulum­e kaningi sabhalela noNgqongqo­she uMxolisi Kaunda, eminye imigwaqo satshelwa ukuthi izolungisw­a nini,” echaza.

Uthe umgwaqo okukhalwa ngawo akukaveli ukuthi uzolungisw­a nini ngoba umnyango ubuye ukhale nangesabel­o sezimali.

Okhulumela uMnyango esifundazw­eni uMnuz Mluleki Mntungwa uthe bazothumel­a ithimba elizoyobhe­ka isimo salo mgwaqo.

“Sizozama izindlela zokwenza umgwaqo usebenzise­ke okwesikhas­hana kusabhekwa isabelomal­i. Nokho miningi imigwaqo emikhulu nemincane esiyakhiwe eNkandla, yafakwa netiyela. “Eminye isezinhlel­weni

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa