Kukhalwa ngomgwaqo odala izingozi
KUKHALWA ngomgwaqo okuthiwa usudala ngisho izingozi ngenxa yokungalungiswa kwawo eMandaba eNkandla. Isolezwe lithole ngelungu lomphakathi elikhala ngokuthi sekunesikhathi eside bezama ukucela usizo ngalo mgwaqo, osekunzima nokuthi kuhambe izimoto kuwo uma izulu linile.
Kuthiwa nebhuloho elifakwe kulo mgwaqo lakhiwa kudala futhi alisekho esimeni esihle, okwenza ngisho ama-ambulensi angakwazi ukufinyelela emphakathini uma kunezimo eziphuthumayo. Kubikwa ukuthi kukhona nezikole eduze kwalo, abafundi nothisha abalisebenzisayo baba nenkinga uma linile.
UMnuz Thami Ntuli oyiMeya yaseNkandla ophinde abe yikhansela ewadini okukhona kuwo lo mgwaqo, uthe uyazi ngawo. Uthe kukhona nelungu lomphakathi elike lambhalela likhala ngalesi simo. Uveze ukuthi ungaphansi kwezinhlelo zoMnyango wezokuThutha.
“Ibhuloho lomgwaqo lakhiwa kudala futhi umgwaqo uke ufakwe inkwali uma likade linile ukuze kuhambeke. Akuwona lo mgwaqo onenkinga kuphela kodwa miningi eshelelayo, umnyango uyazi ngayo. Sesikhulume kaningi sabhalela noNgqongqoshe uMxolisi Kaunda, eminye imigwaqo satshelwa ukuthi izolungiswa nini,” echaza.
Uthe umgwaqo okukhalwa ngawo akukaveli ukuthi uzolungiswa nini ngoba umnyango ubuye ukhale nangesabelo sezimali.
Okhulumela uMnyango esifundazweni uMnuz Mluleki Mntungwa uthe bazothumela ithimba elizoyobheka isimo salo mgwaqo.
“Sizozama izindlela zokwenza umgwaqo usebenziseke okwesikhashana kusabhekwa isabelomali. Nokho miningi imigwaqo emikhulu nemincane esiyakhiwe eNkandla, yafakwa netiyela. “Eminye isezinhlelweni