Iziguli ezingalashwa zikhala ngodokotela
KUSOLWA ukusula kodokotela ngenkinga eqhubekayo yokubuyiselwa emuva kweziguli esibhedlela saseSydenham, iKing Dinuzulu.
Lokhu kulandela ukubuyiselwa emuva kweziguli ebezize ophikweni olunakekela iziguli ezisuke zingalalisiwe, iMedical Outpatient Department (MOPD) kulesi sibhedlela.
Esinye seziguli eziphindiselwe emuva ngoMsombuluko nesicele ukuthi igama laso ligodlwe ngoba sisabela ukuhlukumezeka uma siphinda siya esibhedlela, sithe iziguli zitshelwe ukuthi azibuye ngakusasa.
Lesi siguli sithe silokhu siqale ukuya kulesi sibhedlela ngoMgqibelo satshelwa ukuthi kufanele sibuye ngakusasa kodwa ngenxa yokungalitholi ithuba sibe sesifika ngoMsombuluko. Kuvela ukuthi zingaphezu kuka-50 iziguli ezibuyiselwe emuva, zacelwa ukuthi ziphinde zibuye.
“Sitshelwe ukuthi kunodokotela oyedwa, naye lo dokotela, ngenxa yobuningi beziguli, sitshelwe ukuthi kungenzeka sigcine singazange simbone. Asichazelwa ukuthi yini inkinga eyenza kube nodokotela oyedwa,” kusho lesi siguli.
Umthombo ongaphakathi esibhedlela utshele leli phephandaba ukuthi inkinga eholele ekutheni iziguli zigcine zilindiswa isikhathi eside kube ukushoda kodokotela ngoba kukhona abasulile.
“Odokotela ababili basule isigubhukane. Omunye uye esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial kwathi omunye waya eWentworth.
“Bakhala ngokuthi bayagqilazeka ngenxa yomthamo omkhulu weziguli ezifika esibhedlela,” kusho umthombo.
Uthe lesi sibhedlela sivele sinenkinga ngenxa yobuningi beziguli ezifika kusona zizofuna usizo lwezempilo.
NgoNovemba nyakenye Isolezwe libike ngenkinga yomthamo weziguli ofakela lesi sibhedlela ingcindezi.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe iningi labantu lifika esibhedlela lingenazo izincwadi (eziphuma emtholampilo) ezibavumela ukuthi baye esibhedlela. Uthe lokhu kuholela ekutheni isibhedlela sigcwale ngokweqile. Uthe lesi sibhedlela siphakelwa yimitholampilo engu-16.
“Isibhedlela siyazama ngawo wonke amandla ukubona zonke iziguli ngosuku olulodwa futhi sibeke eqhulwini abadinga usizo oluphuthumayo. Kwezinye izikhathi, odokotela baze basebenze amahora engeziwe, baphuze ukushayisa ngoba bezama ukuthi babone zonke iziguli ezidinga ukubonwa ngodokotela.
“Ngenxa yenselelo yabantu abaningi abafika esibhedlela bengaphethe izincwadi zokuthi babonwe ngodokotela ngalelo langa, kuye kwenzeke ukuthi ezinye iziguli zicelwe ukuthi zibuye zibuye ngakusasa,” kusho uNksz Mafunda.