Ugwetshiwe owadlwengula umshana elele

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

UGWETSHWE iminyaka engu-15 umlisa (45) waseKokstad owadlwengula indodakazi kadadewabo.

INkantolo yesiFunda eKokstad igwebe lo mlisa waseShayamoya iminyaka engu-15 ngoMsombuluko emuva kokuthi elahlwe ngecala lokudlwengula indodakazi kadadewabo ena15 ngoFebhuwari nyakenye.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umgilwa wayelele nezinye izingane zakubo ezimbili endlini ngesikhathi ezwa umuntu engqongqoza esicabheni.

Uthe umgilwa wezwa izwi likamalume wakhe ayehlala naye kuwona lomuzi ngesikhathi ebuza ukuthi ngubani ongqongqozayo wabe esemvulela.

Kuthiwa wavula isicabha, wangena umalume waya ekamelweni lakhe nokuyilapho ememeze khona.

Umalume wale ntombazane kuthiwa wayidlwengula wase eyitshela ukuthi ayihambe iyolala.

“Wayisabisa, wathi ayingasibiki lesi sigameko kodwa yabikela unina nobhuti wayo ngosuku olulandelayo.

“Kube sekuvulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa eKokstad, icala ladluliselwa ophikweni oluphenya amacala odlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi,” kusho uCaptain Gwala.

Uthe lo mlisa waboshwa ngalo lolo suku wase elokhu evela enkantolo kwaze kwaba ulahlwa yicala, wagwetshwa iminyaka engu-15.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.