Isolezwe

Kuzocacisa ukuhlolwa kwesidumbu

-

zivele emuva kwenyanga ingcwatshi­we intombazan­e okuthiwa isidumbu sayo asizange siyiswe emakhazeni.

Kwathi ukuba amalungu omphakathi ezwe ngezinsolo abikela amaphoyisa, kwase kwenziwa uphenyo, kwaboshwa uyise. Ubhekene necala lokuphazam­isa umthetho. NgoDisemba 14 isidumbu sentombaza­ne sambiwa ngamaphoyi­sa sase siyohlolwa. Kulindelwe imiphumela yokuhlolwa kwaso.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane, uthe kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu okuyiyo ezoveza ukuthi kwaba yini imbangela yokufa.

“Njengoba ingakaphum­i imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu, icala abekwe lona uyise wezingane kusengelok­uphazamisa ukusebenza komthetho ngokungawa­bikeli amaphoyisa ngokufa kwendodaka­zi yakhe, athi yawela phezu kwetshe. Uma kwenzeka imiphumela iveza okwehlukil­e kunalokhu icala liyobe seliyashin­tsha,” kusho uZwane.

Uyise wezingane kulindelek­e ukuthi aphinde avele enkantolo yemantshi ngesonto elizayo.

Ungoti wezomtheth­o, uSolwazi uShannon Hoctor waseNyuves­i yaKwaZulu-Natal, uthe ziningi izinto ezibhekwa yinkantolo ngaphambi kokuthi ikhiphe isinqumo ecaleni elifana naleli.

Uthe kubhekwa ukuthi ngabe ummangalel­wa uphile kahle yini engqondwen­i futhi ayikho yini ingcindezi abenayo eholele ekutheni aze angawabike­li amaphoyisa.

“Njengoba kuvela ukuthi ummangalel­wa nguyise wezingane, inkantolo izobuye icubunguli­sise impilo yomndeni,” kusho uSolwazi Hoctor.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa