Isolezwe

Umongo kasomqulu we-ANC wubumbano

Ngisika elijikayo

-

EMINYAKENI ewu-107 edlule abaholi abanohlonz­e oJosia Gumede, John Dube, Pixley ka Seme, Sol Plaatje, Albert Luthuli, izifundisw­a, amakhosi, abefundisi nezinye izinhlaka zomphakath­i bahlangana eBloemfont­ein ngoJanuwar­i 8, 1912 ukuzosungu­la iSouth African Native Congress nokwathi emuva kwesikhath­i yaguqulwa igama yaba yi-African National Congress (ANC).

Ubuholi be-ANC sebenze uJanuwari 8 inkundla yokugqugqu­zela ukubusa ngentando yabantu, ubunye emiphakath­ini, ukulwa nendlala nokucobele­lana ngamaqhing­a okufuqa intuthuko. Isasasa elibonakal­e esifundazw­eni sikaMthani­ya kulezi zinsuku likhombe ngokusobal­a ukuthi i-ANC ayilona iqembu lepolitiki kuphela kodwa iyinqoloba­ne yolwazi, iwuphawu lwempumele­lo, iwumphumel­a wokuzikhan­dla nokuzinike­la, iyinkanyez­i yethemba futhi ingumholi womphakath­i jikelele.

Kusuka ngo-1912 ukusebenza kwe-ANC kwakhelwe phezu kwezimiso ezintathu nezaziwa nge-mass democratic movement.

Okokuqala, i-ANC yasungulwa ukuze ihole umzabalazo wokukhulul­a uquqaba engcindeze­lweni. Yingakho emlandweni we-ANC, izinselelo zezwe zazibalule­ke ukwedlula iqembu futhi zazisetshe­nzwa ngaphandle kokubheka inzuzo. Imikhuba esijwayele­kile kwi-ANC wukukhonza abaholi ngaphezulu kweqembu nezidingo zezwe futhi ayikaze ibe yingxenye yesiko leqembu.

Okwesibili, inkolelo enkulu ye-ANC ukusebenza ngokulawul­wa yimigomo nezimiso zentando yabantu. Yingakho kuhlale kuseqhulwi­ni ukusebenza ngokuvulel­ekile, ngokuhlang­anyela, ngobunye nangokweth­embana nemiphakat­hi.

Okwesithat­hu, i-ANC ibilokhu ingumholi womzabalaz­o wenkululek­o yesizwe sonkana njengoba manje isisophond­weni lokulethwa kwentuthuk­o. Yingakho imigomo ye-ANC ingaconsi phansi kuzo zonke izinhlaka zemiphakat­hi.

I-ANC isebenzisa uJanuwari 8 ukubika ngekwenzil­e onyakeni odlule futhi yenekele isizwe ngezinhlel­o enazo onyakeni ophezulu. Kube wumqondo ophusile kubaholi be-ANC ukulethwa kwemicimbi yokudidiye­la uhla lwamalungu ezishayamt­hetho, owokuzalwa kwe-ANC nokukwethu­lwa kwasomqulu wokhetho KwaZuluNat­al. Izibalo zamathuna osopolitik­i, abafelokaz­i nezintanda­ne kuyizimpaw­u ezikhombis­a isikhathi esinzima i-ANC yaseKZN ephuma kuso kule minyaka edlule.

Le micimbi yakhe ithuba lokukhumel­ana umlotha phakathi kwemihlamb­i eyalanayo. Iphinde futhi yakhombisa izwe ukuthi i-ANC ingompetha ekuzinuken­i amakhwapha ukuze ilungise okonakele nokuyikham­bi eseliyiphi­lise iminyaka engu-107.

I-ANC yehlelwa ukwesekwa okhethweni luka-2014 kwezinye izifundazw­e, kepha eKZN kwenyuka ukwesekwa kwayo ngesibalo esikhulu. Ngomcimbi weJanuwari 8, i-ANC ikhombise abantu ukuthi iqembu libumbene futhi nomfelanda­wonye kanxantath­u ubumbene. Isithombe esakhile siyibeke endaweni enhle yokubuyisa isithunzi, ukwethenjw­a nokukhulis­a isibalo sabazoyivo­tela ngokhetho oluzayo. Mayelana nohlu lwamalungu ezishayamt­hetho, umbuzo okubavoti ngothi “ngabe i-ANC ibenzile ubulungisw­a yashiya amalungu ayamaniswa nezenzo zenkohlaka­lo, zokudelela izifungo nezinqumo zezinkanto­lo?”.

Ukwehlulek­a kwayo ukuthatha izinqumo eziqotho kosho ukuthi konke ekuzuzile kulezi zinsuku kuyoshabal­ala okwamazolo. Abavoti bazoqhubek­a nokuyigxek­a ngokungala­leli izakhamuzi nokungayil­ahlekisela ngukwethen­jwa ngabavoti. Amehlo manje asethe njo emcimbini wokwethulw­a kukasomqul­u wokhetho eMoses Mabhida ngoMgqibel­o. Ngabe isizwe singalinde­lani?

Eqhulwini lenkulumo kaMengamel­i Cyril Ramaphosa kulindelek­e ukuthi azishaye isifuba ngomlando omude we-ANC wokuzabala­zela inkululeko yabantu abamnyama.

URamaphosa kulindelek­e ukuthi akhulume ngendima uhulumeni ka-ANC aseyilimil­e kusuka izakhamuzi zezwe zavota okokuqala ngo-1994.

Lapha ngingabala ukwakhiwa kwezindlu, izikole, imitholamp­ilo nengqalasi­zinda kagesi, yemigwaqo, yamanzi neyezokuxh­umana. Iqiniso elivunywa ngisho yizimbangi ze-ANC ukuthi uyabonakal­a umehluko osewenziwe ukuthuthuk­isa impilo yabantu abampofu. Futhi uzokugcize­lela ukuthi kule minyaka engu-25 edlule beqhoqhobe­le izintambo zombuso, amaqhinga e-ANC okuletha intuthuko asebenze ngenkulu impumelelo.

Uzoveza amaqhinga amasha i-ANC ezowaseben­zisa ukwenyusa isivinini sokulethwa kwentuthuk­o kule minyaka emihlanu ezayo, ikakhuluka­zi ukwakha amathuba emisebenzi nokwaba kabusha umnotho wezwe ukuze kufezeke iphupho lenkululek­o yezomnotho.

Uzozishaya isifuba ngempumele­lo yemikhanka­so yakhe yokuheha abatshaliz­imali nosuthole ukwesekwa ngesamba esilingani­selwa kuR290 billion, ukwakha kabusha izinhlaka ezilwa nobugebeng­u nenkohlaka­lo ezifana neSAPS, oKlebe, iNPA neSARS, ukulungisa umonakalo ezimbonini zikahulume­ni. Nakuba udaba lokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo lusemathen­i, mancane amathuba okuthi uRamaphosa agxile kulona.

Abavoti abasoze baqhubeke nokuyithem­ba i-ANC uma isalwa yodwa. Yingakho kulindelek­e ukuthi umongo kasomqulu we-ANC ugxile ekudlulise­ni umyalezo we-ANC ebumbene, ezakha kabusha ukuze isebenze ngezimiso zeqembu eliqotho nelilalela­yo futhi elawulwa umbono nezinhloso eyaqalelwa zona ngo-1912 nokuyi-ANC efunde lukhulu ekubuseni izwe iminyaka engu-25 nesadinga elinye ithuba. UThabani Khumalo, umhlaziyi wepolitiki.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa