OweDA ulwa nohlelo lweTheku
UMHOLI weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, ubhalele iMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Sipho Nzuza incwadi lapho efuna ukuchazelwa kabanzi ngohlelo lokwakhiwa kwemifuziselo yomengameli be-ANC uMnuz Oliver Tambo noMnuz Nelson Mandela ezodla uR20 million.
Le mifuziselo kulindeleke ukuthi ivulwe ngokusemthethweni uma sekuzophela unyaka.
UMncwango uthe bayalazi iqhaza likamengameli Mandela noTambo ekulweni nobandlululo kodwa bakholwa wukuthi uhlelo lokwakhiwa kwemifuziselo yabo kufanele kwenziwe ngemali ye-ANC, hhayi eyabantu baseThekwini.
“Imali okuzokwakhiwa ngayo le mifuziselo ngabe yenza izidingo zabantu baseThekwini ukuze bathole imisebenzi, hhayi ukuthi isetshenziselwe izinhlelo zokugayela i-ANC amavoti njengoba kuza ukhetho ezokwehlulwa kulo,” kusho uMncwango.
Uthe bafuna uNzuza abakhombise uhlelo okwakhulunywa kulo ngalolu daba kwisabelomali sangonyaka ka-2018/19 nokuthi lwasekwa wobani ngesikhathi luphakanyiswa.
“Asikwazi ukuvumela i-ANC ukuthi izenzele umathanda ngemali yabantu,” kusho uMncwango.
UMnuz Msawakhe Mayisela, okhulumela uMasipala weTheku, uthe isithangami sabezindaba ngalolu daba ebesihlelelwe inamuhla sihlehlisiwe ngenxa yezimo abebengazilindele, bazomemezela olunye usuku ngesikhathi esizayo.
Khonamanjalo; kunabantu abakhalayo ngokufakwa kwemifuziselo yabaholi be-ANC emgwaqweni uRuth First Highway, eDurban North njengoba bethi zidala isiminyaminya uma sebeya koshutha nazo.