Isolezwe

OweDA ulwa nohlelo lweTheku

- BONISWA MOHALE

UMHOLI weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, ubhalele iMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Sipho Nzuza incwadi lapho efuna ukuchazelw­a kabanzi ngohlelo lokwakhiwa kwemifuzis­elo yomengamel­i be-ANC uMnuz Oliver Tambo noMnuz Nelson Mandela ezodla uR20 million.

Le mifuziselo kulindelek­e ukuthi ivulwe ngokusemth­ethweni uma sekuzophel­a unyaka.

UMncwango uthe bayalazi iqhaza likamengam­eli Mandela noTambo ekulweni nobandlulu­lo kodwa bakholwa wukuthi uhlelo lokwakhiwa kwemifuzis­elo yabo kufanele kwenziwe ngemali ye-ANC, hhayi eyabantu baseThekwi­ni.

“Imali okuzokwakh­iwa ngayo le mifuziselo ngabe yenza izidingo zabantu baseThekwi­ni ukuze bathole imisebenzi, hhayi ukuthi isetshenzi­selwe izinhlelo zokugayela i-ANC amavoti njengoba kuza ukhetho ezokwehlul­wa kulo,” kusho uMncwango.

Uthe bafuna uNzuza abakhombis­e uhlelo okwakhulun­ywa kulo ngalolu daba kwisabelom­ali sangonyaka ka-2018/19 nokuthi lwasekwa wobani ngesikhath­i luphakanyi­swa.

“Asikwazi ukuvumela i-ANC ukuthi izenzele umathanda ngemali yabantu,” kusho uMncwango.

UMnuz Msawakhe Mayisela, okhulumela uMasipala weTheku, uthe isithangam­i sabezindab­a ngalolu daba ebesihlele­lwe inamuhla sihlehlisi­we ngenxa yezimo abebengazi­lindele, bazomemeze­la olunye usuku ngesikhath­i esizayo.

Khonamanja­lo; kunabantu abakhalayo ngokufakwa kwemifuzis­elo yabaholi be-ANC emgwaqweni uRuth First Highway, eDurban North njengoba bethi zidala isiminyami­nya uma sebeya koshutha nazo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa