Kwezepolitiki ubungani yinto yesikhashana
MHLELI: Emihleni yami yokuphila kunento esengiyibonile ukuthi impilo inzima lapha emhlabeni weshongololo.
Into engibona ukuthi inzima wukuba ngumholi ohola abantu ngoba abantu ababongi into enhle abenzelwe yona kodwa kunalokho kucingwa into yokugxeka.
Ukuba ngumholi webandla likamoya, ukuba ngumholi wepolitiki noma wombusazwe njalo njalo kunzima. Ubuholi engibubona bunzima yilobu obuncikene nepolitiki. Ubobuka umuntu ongumholi ngoba uthi ethuthuka uzwa kuthiwa yimali yethu le emenza akhe umuzi omuhle noma athenge imoto ebizayo.
Masithathe ikhansela okuthi kwazeka kahle ukuthi kwalona aliphethe mali esandleni kodwa kumele liqale lingqongqoze emnyangweni othize khona lizokwazi ukuthi lilethe intuthuko, uyothi uzwa abantu bethi yini umsebenzi walo lelo khansela.
Okubuye kube nzima noma kube kubi kakhulu ukuthi mhlawume ikhansela liqhamuka eqenjini elithize lepolitiki elingathandwa yilowo mphakathi ngakho-ke lizolokhu ligxekwa ligxekiwe. Namanje ngisaphinda futhi ngithi abaholi engibabona ukuthi bathwele kanzima ngabaholi bepolitiki noma bombusazwe. Okunye futhi uthola ukuthi umholi uzokhuluma emsakazweni. Umsakazi noma umphathi wohlelo uzocela ukuba abalaleli beshaye babuze kwisimenywa.
Lapho-ke kusuke sekuyinkebenkebe enkulu yethuba lokuthi izixhwanguxhwangu zigcwaneke, zigcwanekele umholi.
Uma kungukuthi umholi ukhuluma kwithelevishini ingani kuzoshaywa ucingo kubhalwe nemibhalo enendelelo.
Ngisuke ngikhumbule amazwi angizwisa ubuhlungu abevame ukukhulunywa indodana endala kaMnuz Jacob Zuma obengumengameli.
Indodana endala kaNxamalala ibisho ukuthi le nto iyabahlukumeza bona bengumndeni ukuthi uyise adwetshwe emaphephandabeni engupopayi futhi kukhulunywe nangobuntu bakhe. Babodwa abamdweba eseshaweni noma enesisefo ekhanda.
Ngingasawabali amazwi akhulunywayo ngaye ebizwa ngesela. Isenzo esinjena kufanele ngempela ukuthi umndeni wakhe ubaba uZuma uphatheke kabi.
Njengobani ongavuma kweyiswe uyise noma umzali wakhe? Namunye obengavuma.
Isimanga njalo ukuthi zolo lokhu ubaba uZuma ubekade eyintandokazi. Babodwa ababefunge bagomela ukuthi ngisho kunjani bangabulala bebulalela yena. Nokho okugcine kungasenjalo.
Nangu ubaba uMzizi, uMnuz Thabo uMbeki, kwaba kuhle esangena esikhaleni sikaMadiba.
Empeleni nakuMadiba kwakwesifanayo, kusukela esengaphakathi ejele, kuhambe kuhambe kuze kufike lapho esengumholi nalapho futhi wagxekwa.
Kwipolitiki ubungani lobu empeleni kuyinto yesikhashana.
Impilo yokuba ngumholi inzima. Yisemkhulu Nzimande EPORT SHEPSTONE