Isolezwe

Kwezepolit­iki ubungani yinto yesikhasha­na

-

MHLELI: Emihleni yami yokuphila kunento esengiyibo­nile ukuthi impilo inzima lapha emhlabeni weshongolo­lo.

Into engibona ukuthi inzima wukuba ngumholi ohola abantu ngoba abantu ababongi into enhle abenzelwe yona kodwa kunalokho kucingwa into yokugxeka.

Ukuba ngumholi webandla likamoya, ukuba ngumholi wepolitiki noma wombusazwe njalo njalo kunzima. Ubuholi engibubona bunzima yilobu obuncikene nepolitiki. Ubobuka umuntu ongumholi ngoba uthi ethuthuka uzwa kuthiwa yimali yethu le emenza akhe umuzi omuhle noma athenge imoto ebizayo.

Masithathe ikhansela okuthi kwazeka kahle ukuthi kwalona aliphethe mali esandleni kodwa kumele liqale lingqongqo­ze emnyangwen­i othize khona lizokwazi ukuthi lilethe intuthuko, uyothi uzwa abantu bethi yini umsebenzi walo lelo khansela.

Okubuye kube nzima noma kube kubi kakhulu ukuthi mhlawume ikhansela liqhamuka eqenjini elithize lepolitiki elingathan­dwa yilowo mphakathi ngakho-ke lizolokhu ligxekwa ligxekiwe. Namanje ngisaphind­a futhi ngithi abaholi engibabona ukuthi bathwele kanzima ngabaholi bepolitiki noma bombusazwe. Okunye futhi uthola ukuthi umholi uzokhuluma emsakazwen­i. Umsakazi noma umphathi wohlelo uzocela ukuba abalaleli beshaye babuze kwisimenyw­a.

Lapho-ke kusuke sekuyinkeb­enkebe enkulu yethuba lokuthi izixhwangu­xhwangu zigcwaneke, zigcwaneke­le umholi.

Uma kungukuthi umholi ukhuluma kwithelevi­shini ingani kuzoshaywa ucingo kubhalwe nemibhalo enendelelo.

Ngisuke ngikhumbul­e amazwi angizwisa ubuhlungu abevame ukukhuluny­wa indodana endala kaMnuz Jacob Zuma obengumeng­ameli.

Indodana endala kaNxamalal­a ibisho ukuthi le nto iyabahluku­meza bona bengumnden­i ukuthi uyise adwetshwe emaphephan­dabeni engupopayi futhi kukhulunyw­e nangobuntu bakhe. Babodwa abamdweba eseshaweni noma enesisefo ekhanda.

Ngingasawa­bali amazwi akhulunywa­yo ngaye ebizwa ngesela. Isenzo esinjena kufanele ngempela ukuthi umndeni wakhe ubaba uZuma uphatheke kabi.

Njengobani ongavuma kweyiswe uyise noma umzali wakhe? Namunye obengavuma.

Isimanga njalo ukuthi zolo lokhu ubaba uZuma ubekade eyintandok­azi. Babodwa ababefunge bagomela ukuthi ngisho kunjani bangabulal­a bebulalela yena. Nokho okugcine kungasenja­lo.

Nangu ubaba uMzizi, uMnuz Thabo uMbeki, kwaba kuhle esangena esikhaleni sikaMadiba.

Empeleni nakuMadiba kwakwesifa­nayo, kusukela esengaphak­athi ejele, kuhambe kuhambe kuze kufike lapho esengumhol­i nalapho futhi wagxekwa.

Kwipolitik­i ubungani lobu empeleni kuyinto yesikhasha­na.

Impilo yokuba ngumholi inzima. Yisemkhulu Nzimande EPORT SHEPSTONE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa