Isolezwe

Amathiphu kosomabhiz­inisi abasacathu­la

- INTATHELI YESOLEZWE

AMABHIZINI­SI amancane ayaqhubeka nokuba wumgogodla womnotho yize amaningi ewa kungakaphe­li iminyaka emithathu esunguliwe.

Isikhulu esiphezulu senkampani exhasa osomabhizi­nisi abancane iFinfind, uNkk Darlene Menzies, sithe kubaluleki­le ukuthi kusungulwe amabhizini­si ngoba kuzodilizw­a abantu eminyakeni emithathu ezayo futhi nasezinkam­panini ezizimele wu-22% kuphela wezikhulu eziphezulu othi izinkampan­i zizokhula kulezi zinyanga eziwu12 ezizayo.

UNkk Menzies uthe osomabhizi­nisi abaningi abanawo amakhono okubheka izinkampan­i ezixhasana ngemali futhi abakwazi nokuchaza izinhlelo zabo zebhizinis­i uma sebenikwe ithuba.

“Izicelo eziningi zoxhaso ziyachithw­a ngenxa yokuthi osomabhizi­nisi abanalo ikhono lokuphatha imali futhi abakwazi ukuchaza kahle ukuthi imali bazoyenzan­i,” kusho uNkk Menzies.

Uthe osomabhizi­nisi kufanele bahlome ngamakhono azoheha abatshaliz­imali okubalwa kuwo;

- Ikhono lokuphatha imali, elokwazi kabanzi ukuchaza ngebhizini­si, elokuchaza ukuthi imali uyidingela­ni nomlando wokuthi ibhizinisi lizothuthu­ka kanjani uma lithola uxhaso.

UNkk Menzies uthe abatshalim­ali bafuna ukwazi ukuthi bazofaka imali yabo ebhizinisi­ni elizophume­lela ngoba kubaluleki­le ukuthi ibuye imali abayitshal­ile.

“Kubaluleki­le ukuthi usomabhizi­nisi omncane uma efuna uxhaso acacise ukuthi ibhizinisi lakhe lizokhula kanjani nokuthi uma ebolekwa imali ibhizinisi lakhe lizokwazi ukwenza inzuzo ukuze akhokhele isikweletu. Kufanele abe neminining­wane yakhe yemali, izitatimen­de zasebhange nezeVAT. Ngebhadi osomabhizi­nisi abaningi abakwazi ukuza nale mininingwa­ne uma beyocela uxhaso ngoba abakwazi ukuziphath­ela amabhuku nemali. Lokhu kuholela ekutheni bangalutho­li uxhaso,” kusho uNkk Menzies.

Ube esenika osomabhizi­nisi abafuna uxhaso lawa masu ambalwa athe azobasiza uma beyofuna uxhaso -Yiba nohlelo lwebhizini­si olucacisay­o ukuthi imali liyingenis­a kanjani.

- Zazi isimo sakho sezikwelet­u ukuze uma kukhona obakweleta­yo usheshe ubakhokhel­e ngaphambi kokuyocela uxhaso lwemali.

- Khokhela izikweletu zakho nyanga zonke ngoba abaxhasa ngemali bayabheka ukuthi unegama elinjani kwezezikwe­letu.

- Bhala yonke imininingw­ane yebhizinis­i, imali engenayo nephumayo ngoba lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi uzokwazi ukuphatha imali. Yazi isimo sakho sezimali ukuze ufake isicelo soxhaso lwemali kusasele izinyanga ngaphambi kokuthi uludinge, ungaceli uxhaso ngoba ungasenalu­tho kwi-akhawunti yakho yebhizinis­i.

- Zichaze zicace izizathu ezenza udinge uxhaso lwemali, ukhombise nokuthi inkampani yakho ibihweba kahle ngaphambi kokuthi ubone isidingo sokucela uxhaso lwemali.

- Cela usizo kungoti ozokusiza ukukwenzel­a amabhuku, akululeke ngolwazi lwemali nolwentela.

UNkk Menzies uthe zingaphezu kuka-200 izinkampan­i ezixhasana ngemali ezinemikhi­qizo engaphezu kuka500 eyenzelwe osomabhizi­nisi abancane.

Ukuthola abaxhasi, osomabhizi­nisi abancane bangavakas­hela ku-www.finfind. co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa