Ngibatshelile abadlali ngenkundla: Truter

Isolezwe - - EZEMIDLALO - NDUDUZO DLADLA

UQHOSHA ngokwazi indawo yangakubo umqeqeshi weRichards Bay FC, uBrandon Truter, ezakhe ezizotholana phezulu neStellenbosch FC emdlalweni weNational First Division (NFD) ozoba se-Idas Valley Sports Grounds kusasa ngo-3.30 ntambama.

UTruter, ongowokuzalwa eKapa, uthe nakuba inkundla yeStellenbosch iwaxaka amaqembu amaningi kodwa yena usebalungiselele ngokomqondo abadlali bakhe ukuthi yini okufanele bayilindele kuyo.

“Ngiyazi njengoba ngizazi inkundla esiyodlalela kuyo esixake amaqembu amaningi. Kwakuyinkundla yebhola lombhoxo, lokhu kusho ngokusobala ukuthi utshani bukhulu ngakho abadlali bami sebeyazi ukuthi kufanele balindeleni. Sike sazama ukuthi ngapha eRichardsBay sithole inkundla ethi ayifane ncamashi ne-Idas Valley ukuze abadlali bazijwayeze nezimo zakhona. Ngeshwa inkundla asiyitholanga kodwa ngibachazelile abadlali ukuthi kufanele balindeleni eStellenbosch,” kulandisa uTruter.

IStellenbosch eqeqeshwa nguSteve Barker iyona ezihola phambili kwi-log yeNFD ngamaphuzu awu-34 emidlalweni ewu-16. EzikaTruter zisendaweni yeshumi ngamaphuzu awu-21 emidlalweni efanayo. “Sengimaze isikhathi

eside uBarker opheka iStellies. Ngiyazi ukuthi uzosidlalisa liphi ibhola. Ngingathi nje akukho okusha okuzokwezeka emdlalweni. Ngiyazi ukuthi silindeleni,” uTruter kufanele kusho obezwakala ukuthi unokuzethemba. Isimo iRich Boyz ezithola ikusona kwi-log kasisibi kodwa futhi kasisihle. UTruter uthe akafuni nakancane ukubalwa namaqembu alwela ukuvika izembe. “Kufanele ukuthi kube khona esikutholayo emdlalweni wethu neStellenbosch. Sizolwela ukudlala ngokulingana kodwa uma kwenzeka belahla siwafuna ephelele amaphuzu. Akufanele nakancane silahlekelwe amaphuzu ngoba sekuyizikhathi ezinzima kwisizini,” kunezezela uTruter. Kubukeka sengathi inyanga uJanuwari ngenzima kakhulu kwiRich Boyz ngenxa yemidlalo enayo ebukeka inzima. Ngemuva kweStellenbosch, ezikaTruter zizodlala neRoyal Eagles kulandele umdlalo ezizowudlala neTS Sporting. NgoJanuwari 26, iBay izodlala neFree State Stars emdlalweni we-Last 32 kwiNedbank Cup.

Ajax Cape Town v Jomo Cosmos (Athlone Stadium); Stellenbosch v Richards Bay (Idas Valley Sports Ground)

Ubuntu Cape Town v TS Galaxy (Boland Stadium); Real Kings v Tshakhuma Tsha Madzivhandila (Sugar Ray Xulu Stadium); Maccabi FC v Witbank Spurs (Volkswagen Dobsonville Stadium); Royal Eagles v TS Sporting (Chatsworth Stadium)

Mbombela United v Cape Umoya United (Kanyamazane Stadium, 3.3pm)

Isithombe: BACKPAGEPIX

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKHULEKANI Madondo weRichards Bay FC angaba yingozi kwiStellenbosch FC abazobhekana nayo emdlalweni weNational First Division e-Idas Valley Stadium, eKapa, kusasa ngo-3.30 ntambama UHURU MWAMBUNGU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.