Ele-ABC ligqugquzelwe eyeNedbank
AMAPHUPHO nezinhloso ezikhulwini zeKwaDabeka Sporting nezoMvoti United kukucacisa ngokusobala ukuthi kuzosiphuka izidindi emdlalweni wala maqembu we-ABC Motsepe League ozoqala ngo-3 ntambama, ngoMgqibelo, eKing Edward Park.
Kuyiwa kulo mdlalo nje, umoya wobumbano uphezulu kuMvoti kulandela ukuqopha umlando wokungena okokuqala kwiNedbank Cup Last 32.
Kulo mqhudelwano Umvoti ocijwa uKabelo Sibiya uzovula neTS Galaxy eyibamba kwiNational Division (NFD). Kuzokhumbuleka ukuthi nanyakenye uSibiya esaqeqesha ngakubo, eNorth West, wazifaka emagameni abangcwele efaka okokuqala iBuya Msuthu kwiNedbank Cup.
Ngaphezu kwalokhu uSibiya akaqedi ukukhuluma engakuvezanga ukuthi nakuba besendaweni yesishiyagalombili kwi-log, kodwa basangakuphinda okwangesizini edlule lapho bahluleka khona kweyokuhlunga ukungena kwiNFD.
Ngakolunye uhlangothi, igama leKwaDabeka Sporting lisematheni kwabaningi kulandela ukuhlala endaweni yesibili kwi-log ekubeni ingomakoti. Emidlalweni ewu-14, leli qembu seliqoqe amaphuzu awu-29. Eqhulwini kuqhwakele iSummerfield Dynamos ngawu-36.
Okunye okubonakala kuzobhebhethekisa umlilo ukuthi leli qembu eliqeqeshwa, uSheldone Relux, lizoya kulo mdlalo lifuna ukubuyisa izinduku kwazise laguqa ngo 2-1 emdlalweni womlenze wokuqala weligi.
USibiya uthe ubatshele kahle abadlali ukuthi abazothola isikimu emdlalweni weNedbank Cup ngabazokwenza kahle emidlalweni yeligi abazoyidlala ngaphambi kwalo mqhudelwano.
“Ngiyaphuphuma yinjabulo njengoba abadlali bami bebuye bonke emaholidini. Nakuba ngiyalelwe abaphathi bami ukufaka iqembu kweyokuhlunga kodwa kuyisifiso sami ukudlulela kwiLast 16 yeNedbank Cup,” kubeka uSibiya.
Uphinde waveza ukuthi ulindele kuphele leli sonto esesayinise abadlali abahlanu abazoqinisa isikwati sakhe.
URelux uthe ujatshuliswa ukuthi uyinqobe yomibili imidlalo yeligi abayidlale ngaphambi kwamaholidi.
“Okungiphatha kabuhlungu ukuthi umdlalo wethu noMvoti uzoba ngowesithathu kulandelana siwudlalela ekuhambeni. Lokhu kuyaziphazamisa izinhlelo zethu. Nakuba kunjalo, sizoqhubeka nokulwela ukuthi kusongwe isizini siphezulu,” kubeka lo mqeqeshi.
Uthe ukuze bafeze leli phupho kuzomele basayinise umgadli wezinga eliphezulu, abadlali ababili babesiswini nabayisibalo esifanayo emuva.
USkhithy Cele, oyimenenja jikelele yeKwaDabeka, utshele Isolezwe wangananaza ukuthi iligi yalo nyaka “bazoyintshontsha”.
“Akekho obelindele ukuthi singaba kule ndawo esikuyo”, kusho uCele. Mayelana nabafuna ukuya emdlaweni, uthe izimoto zizosukela eSugar Ray Xulu Stadium, ngoMgqibelo, ngo-8 ekuseni. Abafuna ukuhamba bangashayela le nombolo: 078 267 4930.
Rainham Sporting v Xi Experience (Eastbury); Milford v Durban FC (uMhlathuze Sports Complex); Maritzburg United v Edendale Juventus (Mpumalanga Stadium); Ladysmith United v GWP Friends ( Setlers Park); KwaDukuza United v Happy Wanderes (Stanger High)
Summerfield Dynamos v Ashley United (Chatsworth Stadium)