Ibuyise umgadli i-Eagles ebanga isicoco

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

IBUYISE umgadli wase-Ivory Coast, u-Uhuru Mwambungu, iRoyal Eagles ebalwa namaqembu asembangweni wokudla ubhedu kwiNational First Division (NFD).

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe yimenenja jikelele yeqembu, uJames Dlamini, obechichima yinjabulo izolo ntambama.

“Simnike inkontileka yezinyanga eziyisithupha. Sihlalele ethembeni lokuthi isipiliyoni sakhe phambi kwamapali sizokwazi ukusiza iqembu. Uyilolu hlobo lomgadli okunika izinto eziningi ngoba mude futhi uyakwazi ukushaya amagoli,” kusho uDlamini.

UMwambungu uke wagijima kwi-Eagles phambili kodwa wabuye wahamba. Ugcine ukudlala kuMthatha Bucks lapha eNingizimu Afrika. Njengamanje ubesedlala kwi-African Lions eTanzania.

I-Eagles ihlezi endaweni yesithathu kwilog yeNFD ngamaphuzu angu-27 emidlalweni engu-16. Isele ngamaphuzu ayisikhombisa kwiStellenbosch eqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-34 ngemuva kwemidlalo efanayo.

“Sisabheka omunye umgadli. Sizoke sikhulume noMato (Madlala ongusihlalo weLamontville Golden Arrows), sibone ukuthi ngeke akwazi yini ukusinika abanye abafana abangakakulungeli kahle ukugijiima eqenjini elikhulu. Omunye umdlali esimsayinisile nguSonke Ntuli oke wadlala kwinkulisa ye-Arrows nakwiRichards Bay FC neThanda Royal Zulu,” kuqhuba yena.

Ngempelasonto i-Eagles iyeke ithuba lokuzibambela mathupha i-Stellenbosch. Igcine iguqe ngo 2-0.

“Sishaywe yiqembu elingcono. Ngeke sikhale kakhulu. Silwile kodwa basiqeda ngamabhola ahamba emoyeni. Igoli labo lesibili kube yiphenathi. Ngaleso sikhathi bese sizama ukuthola igoli lokulinganisa. Ithemba asililahlile. Ukhalo luselude kakhulu. Iqembu elihlezi esicongweni lisengaqeda endaweni yeshumi. Iligi isavulekile. Kumele senze isiqiniseko sokuthi siqoqa kakhulu amaphuzu ekhaya. Ukushaywa yiStellenbosch kuzosivusa emaqandeni. Abafana kumele babone ukuthi kusamele basebenze,” kusho uDlamini.

I-Eagles izotholana phezulu neTS Sporting eChatsworth Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Imidlalo yeNedbank Cup Last 32: NgoJanuwari 23: Bidvest Wits v Boyne Tigers FC (Bidvest Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Tshakhuma FC (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)

NgoJanuwari 25: Cape Umoya United v Tshwane University of Technology (Athlone Stadium, 3pm); AmaZulu FC v Highlands Park (King Zwelithini Stadium, 8pm)

NgoJanuwari 26: Umvoti FC v TS Galaxy FC (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Nelson Mandela Bay Stadium, 3pm); Free State Stars v Richards Bay FC (Goble Park Stadium, 3pm); Black Leopards v Orlando Pirates (Thohoyandou Stadium, 6pm); Cape Town City v SuperSport United (Cape Town Stadium, 8.15pm); Tjakastad JS FC v Lamontville Golden Arrows (Kanyamazane Stadium, 8.15pm)

NgoJanuwari 26: Super Eagles v Bloemfontein Celtic Goble Stadium, 3pm); Witbank Spurs v Maritzburg United (Puma Rugby Stadium, 3pm); Mbombela United v NC Professionals FC (Kanyamazame Stadium, 3pm); Tornado FC v Kaizer Chiefs (Sisa Dukashe Stadium, 3pm)

NgoJanuwari 29: Maccabi FC v The Magic FC Dobsonville Stadium, 7.30pm); Baroka FC v Jomo Cosmos (Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.