Isolezwe

Uxoshiwe okhale ngonompemp­e

- ZAKHELE XABA

OBENGUMQEQ­ESHI weChippa United, uJoel Masutha, ukhale ngokucinde­zelwa ngonompemp­e kweqembu ngoba litabalasa emsileni we-log ye-Absa Premieship kodwa wagcina exoshiwe izolo emini.

IChippa ihlulwe yi-Orlando Pirates ngo 4-2 emdlalweni weligi e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibi­li ebusuku. Amagoli amabili angene kwiChilli Boys kulo mdlalo kube wumkhonto ogwaze ekhaya nephenathi. Bekuwumdla­lo wesihlanu kaMasutha esebhentsh­ini leChippa kusukela ethathe izintambo ku-Eric Tinkler ekupheleni konyaka odlule. Akakaze awine nowokubika. Uhlulwe kathathu, wadlala ngokulinga­na kwemibili. Sekuzophel­a umdlalo, kukhona ibhola elishaye esandleni kumdlali wePirates ebhokisini. UMasutha uthe ukholwa wukuthi bekufanele bahlomule kodwa lokhu akwenzekan­ga ngenxa yokuthi uma uphansi bonke abantu bakuganday­a ngezinyawo.

“Uma ubheka sibhekene neWits, abantu bathi bekuyiphen­athi kodwa bekungokok­uqala ngibhona iphenathi efana naleya. Uma uphansi akekho okuhloniph­ayo, abasoze bakuphatha ngendlela efanayo. Siphathwa njengabale­ngelwa yizembe. Uma ubheka, unompempe akazange ayikhombe iphenathi kodwa usomuqga ophakamise iduku. Uyena futhi lo somugqa esiwombeni sokuqala ongasinika­nga iphenathi ngesikhath­i kubanjwe ibhola ngesandla ebhokisini esiwombeni sokuqala. Uma ubuza kuvele kuthiwe, yobe! Lezi zinto zifika sengathi zenziwa ngoba nakhu usemsileni,” kusho uMasutha.

Nakuba uMasutha ebalisa ngokucinde­zelwa kodwa abadlali bakhe abakhombis­anga ukulwela ukuwina umdlalo, Izinto zikhombise ukuba ngcono umdlalo usuyophela ngaphambi kokuthi iPirates ishaye igoli lesine.

“Uma uphansi laphaya kunzima. Kufanele sizame ukwazi ukuthi kufanele uzinikele ngokuphind­iwe ikakhuluka­zi uma udlala neqembu elifana nePirates elinabadla­li abahle; ukwazi ukumelana nabo nokuthi unompempe akuvune kwezinye izinqumo, kufanele uqine. Angicabang­i ukuthi kuzophela. Ubani ohlonipha amaqembu asemsileni? Akekho. Ubona sengathi usenzela ufefe uma usinika iphenathi. Lena yinto okufanele sibhekane nayo thina uqobo. Zonke izinsuku sihlale sikhuluma ngokuthi asilwe ngoba zonke izinsuku uzizwa sengathi udlala nabangu 13, 14, 15. Ukuyigoqa nje, kufanele sibe amadoda,” kusho uMasutha.

IChilli Boys isanda kudedela inqwaba yabadlali okukhona kubona uThabo Nthethe, Migeul Tim, Jabulani Shongwe, Buyani Sali, Thato Mokeke osejoyine iCape Town City, noJames Okwuosa oziqeqesha neHighland­s Park. Kuthiwa kusele abadlali abangu-18 kuphela.

UClinton Larsen osanda kuchithwa yiLamontvi­lle Golden Arrows izolo kuvele ukuthi uyena ozovala isikhala sikaMasuth­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa