Kusinda kwehlela kwiMaritzburg
SISHAYISA ngovalo isimo seMaritzburg United uma ubheka indawo ehleli kuyona kwi-log ye-Absa Premiership, abadlali abasengcupheni yokweqiwa imidlalo emqoka ngenxa yamakhadi nobunzima bemidlalo emihlanu eza ngemuva kowayizolo neFree State Stars, eHarry Gwala Stadium.
Ngaphambi komdlalo wayizolo iMaritzburg ibisidlale ewu-15 yeligi yanqoba kanye nje vo. Kuleyo midlalo isibhaxu bese sikhale kweyisithupha kwathi kweyisishiyagalombili yacazelana amaphuzu. Inkinga enkulu ebhekene neMaritzburg wukuba buthuntu phambi kobuso bamapali yize emabhukwini ayo kukhona abagadli abaziwayo njengoYannick Zakri (obengakabuyi ekhaya), Andera Fileccia noMohau Mokate (olimele).
Ngenxa yalokhu kuba buthuntu kwabagadli obengumqeqeshi uFadlu Davids ugcine elahlekelwa wumsebenzi wakhe indawo abekuyona yathathwa uMuhsin Ertugral osayine inkontileka yeminyaka emibili nohhafu. Akuyona kuphela indawo ehleli kuyona iMaritzburg eshayisa ngovalo kodwa emdlalweni wayizolo neFree State bekufanele abadlali bayo ababili abamqoka badlale bazicwecwe.
Unozinti oseyivimbe yonke eyeligi kule sizini uRichard Ofori waseGhana unamakhadi amathathu aphuzi okuchaza ukuthi uma engathola ikhadi lesine bazodlala ngaphandle kwakhe kwezayo. Akuyena yedwa kepha nenjini ebizwa nakwiBafana Bafana, uSiphesihle Ndlovu, isesibalweni esifanayo nesika-Ofori uma kuziwa emakhadini.
Akwaziwa ukuthi kungahlanganiswa ini nani kwiMaritzburg uma kungukuthi laba badlali bobabili bayahluleka ukuzicwecwa ngoba ibalindile iMamelodi Sundowns abadlala nayo ekuhambeni uma beqeda neFree State. Ezika-Ertugral zizoya kwiSundowns esembangweni wesicoco ngoJanuwari 16.
Akekho ongazi ukuthi iSundowns, osekuphele isikhathi ingayazi induku kwiPremiership, iyavutha kweyeligi kulezi zinsuku. Ngemuva kweSundowns, u-Ertugral kuzomele avakashele iChippa United ePort Elizabeth ngoJanuwari 19. Ngeke nangengozi ube lula lo mdlalo ngoba iChilli Boys iyona kuphela esesimeni esithi asifane neseTeam of Choice kwazise bayalandelana ngokubamba ibhuleki emsileni.
IMaritzburg izosuka kwiChippa ilibangise eGoli lapho iyobhekana khona nesivivinyo seqembu okuyilona elizihola phambili kwi-log, iBidvest Wits. IWits, emiswe kabi yi-Orlando Pirates neSundowns esele ngemidlalo, ayidedeli lutho kulezi zinsuku. Umdlalo ungoFebhuwari 1.
IMaritzburg iyoze ibuyele ekhaya ngoFebhuwari 8 lapho izokwamukela khona elinye lamaqembu asefomini ngendlela emangalisyao kulezi zinsuku iPolokwane City. Njengamanje iCity isendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-26. Owesihlanu nawo usekuhambeni nelinye futhi iqembu elikhombisa izimpawu zokuvuthwa ngaphansi kukaBenni McCarthy, iCape Town City ngoFebhuwari 24.