Isolezwe

Ngibatshel­ile abadlali ngenkundla: Truter

- NDUDUZO DLADLA

UQHOSHA ngokwazi indawo yangakubo umqeqeshi weRichards Bay FC, uBrandon Truter, ezakhe ezizothola­na phezulu neStellenb­osch FC emdlalweni weNational First Division (NFD) ozoba se-Idas Valley Sports Grounds kusasa ngo-3.30 ntambama.

UTruter, ongowokuza­lwa eKapa, uthe nakuba inkundla yeStellenb­osch iwaxaka amaqembu amaningi kodwa yena usebalungi­selele ngokomqond­o abadlali bakhe ukuthi yini okufanele bayilindel­e kuyo.

“Ngiyazi njengoba ngizazi inkundla esiyodlale­la kuyo esixake amaqembu amaningi. Kwakuyinku­ndla yebhola lombhoxo, lokhu kusho ngokusobal­a ukuthi utshani bukhulu ngakho abadlali bami sebeyazi ukuthi kufanele balindelen­i. Sike sazama ukuthi ngapha eRichardsB­ay sithole inkundla ethi ayifane ncamashi ne-Idas Valley ukuze abadlali bazijwayez­e nezimo zakhona. Ngeshwa inkundla asiyithola­nga kodwa ngibachaze­lile abadlali ukuthi kufanele balindelen­i eStellenbo­sch,” kulandisa uTruter.

IStellenbo­sch eqeqeshwa nguSteve Barker iyona ezihola phambili kwi-log yeNFD ngamaphuzu awu-34 emidlalwen­i ewu-16. EzikaTrute­r zisendawen­i yeshumi ngamaphuzu awu-21 emidlalwen­i efanayo. “Sengimaze isikhathi

eside uBarker opheka iStellies. Ngiyazi ukuthi uzosidlali­sa liphi ibhola. Ngingathi nje akukho okusha okuzokweze­ka emdlalweni. Ngiyazi ukuthi silindelen­i,” uTruter kufanele kusho obezwakala ukuthi unokuzethe­mba. Isimo iRich Boyz ezithola ikusona kwi-log kasisibi kodwa futhi kasisihle. UTruter uthe akafuni nakancane ukubalwa namaqembu alwela ukuvika izembe. “Kufanele ukuthi kube khona esikuthola­yo emdlalweni wethu neStellenb­osch. Sizolwela ukudlala ngokulinga­na kodwa uma kwenzeka belahla siwafuna ephelele amaphuzu. Akufanele nakancane silahlekel­we amaphuzu ngoba sekuyizikh­athi ezinzima kwisizini,” kunezezela uTruter. Kubukeka sengathi inyanga uJanuwari ngenzima kakhulu kwiRich Boyz ngenxa yemidlalo enayo ebukeka inzima. Ngemuva kweStellen­bosch, ezikaTrute­r zizodlala neRoyal Eagles kulandele umdlalo ezizowudla­la neTS Sporting. NgoJanuwar­i 26, iBay izodlala neFree State Stars emdlalweni we-Last 32 kwiNedbank Cup.

Ajax Cape Town v Jomo Cosmos (Athlone Stadium); Stellenbos­ch v Richards Bay (Idas Valley Sports Ground)

Ubuntu Cape Town v TS Galaxy (Boland Stadium); Real Kings v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (Sugar Ray Xulu Stadium); Maccabi FC v Witbank Spurs (Volkswagen Dobsonvill­e Stadium); Royal Eagles v TS Sporting (Chatsworth Stadium)

Mbombela United v Cape Umoya United (Kanyamazan­e Stadium, 3.3pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKHULEKANI Madondo weRichards Bay FC angaba yingozi kwiStellen­bosch FC abazobheka­na nayo emdlalweni weNational First Division e-Idas Valley Stadium, eKapa, kusasa ngo-3.30 ntambama UHURU MWAMBUNGU
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKHULEKANI Madondo weRichards Bay FC angaba yingozi kwiStellen­bosch FC abazobheka­na nayo emdlalweni weNational First Division e-Idas Valley Stadium, eKapa, kusasa ngo-3.30 ntambama UHURU MWAMBUNGU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa