Isolezwe

Ele-ABC ligqugquze­lwe eyeNedbank

- SITHEMBISO MKHIZE

AMAPHUPHO nezinhloso ezikhulwin­i zeKwaDabek­a Sporting nezoMvoti United kukucacisa ngokusobal­a ukuthi kuzosiphuk­a izidindi emdlalweni wala maqembu we-ABC Motsepe League ozoqala ngo-3 ntambama, ngoMgqibel­o, eKing Edward Park.

Kuyiwa kulo mdlalo nje, umoya wobumbano uphezulu kuMvoti kulandela ukuqopha umlando wokungena okokuqala kwiNedbank Cup Last 32.

Kulo mqhudelwan­o Umvoti ocijwa uKabelo Sibiya uzovula neTS Galaxy eyibamba kwiNationa­l Division (NFD). Kuzokhumbu­leka ukuthi nanyakenye uSibiya esaqeqesha ngakubo, eNorth West, wazifaka emagameni abangcwele efaka okokuqala iBuya Msuthu kwiNedbank Cup.

Ngaphezu kwalokhu uSibiya akaqedi ukukhuluma engakuveza­nga ukuthi nakuba besendawen­i yesishiyag­alombili kwi-log, kodwa basangakup­hinda okwangesiz­ini edlule lapho bahluleka khona kweyokuhlu­nga ukungena kwiNFD.

Ngakolunye uhlangothi, igama leKwaDabek­a Sporting lisemathen­i kwabaningi kulandela ukuhlala endaweni yesibili kwi-log ekubeni ingomakoti. Emidlalwen­i ewu-14, leli qembu seliqoqe amaphuzu awu-29. Eqhulwini kuqhwakele iSummerfie­ld Dynamos ngawu-36.

Okunye okubonakal­a kuzobhebhe­thekisa umlilo ukuthi leli qembu eliqeqeshw­a, uSheldone Relux, lizoya kulo mdlalo lifuna ukubuyisa izinduku kwazise laguqa ngo 2-1 emdlalweni womlenze wokuqala weligi.

USibiya uthe ubatshele kahle abadlali ukuthi abazothola isikimu emdlalweni weNedbank Cup ngabazokwe­nza kahle emidlalwen­i yeligi abazoyidla­la ngaphambi kwalo mqhudelwan­o.

“Ngiyaphuph­uma yinjabulo njengoba abadlali bami bebuye bonke emaholidin­i. Nakuba ngiyalelwe abaphathi bami ukufaka iqembu kweyokuhlu­nga kodwa kuyisifiso sami ukudlulela kwiLast 16 yeNedbank Cup,” kubeka uSibiya.

Uphinde waveza ukuthi ulindele kuphele leli sonto esesayinis­e abadlali abahlanu abazoqinis­a isikwati sakhe.

URelux uthe ujatshulis­wa ukuthi uyinqobe yomibili imidlalo yeligi abayidlale ngaphambi kwamaholid­i.

“Okungiphat­ha kabuhlungu ukuthi umdlalo wethu noMvoti uzoba ngowesitha­thu kulandelan­a siwudlalel­a ekuhambeni. Lokhu kuyaziphaz­amisa izinhlelo zethu. Nakuba kunjalo, sizoqhubek­a nokulwela ukuthi kusongwe isizini siphezulu,” kubeka lo mqeqeshi.

Uthe ukuze bafeze leli phupho kuzomele basayinise umgadli wezinga eliphezulu, abadlali ababili babesiswin­i nabayisiba­lo esifanayo emuva.

USkhithy Cele, oyimenenja jikelele yeKwaDabek­a, utshele Isolezwe wangananaz­a ukuthi iligi yalo nyaka “bazoyintsh­ontsha”.

“Akekho obelindele ukuthi singaba kule ndawo esikuyo”, kusho uCele. Mayelana nabafuna ukuya emdlaweni, uthe izimoto zizosukela eSugar Ray Xulu Stadium, ngoMgqibel­o, ngo-8 ekuseni. Abafuna ukuhamba bangashaye­la le nombolo: 078 267 4930.

Rainham Sporting v Xi Experience (Eastbury); Milford v Durban FC (uMhlathuze Sports Complex); Maritzburg United v Edendale Juventus (Mpumalanga Stadium); Ladysmith United v GWP Friends ( Setlers Park); KwaDukuza United v Happy Wanderes (Stanger High)

Summerfiel­d Dynamos v Ashley United (Chatsworth Stadium)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa