Isolezwe

Ibuyise umgadli i-Eagles ebanga isicoco

- MINENHLE MKHIZE

IBUYISE umgadli wase-Ivory Coast, u-Uhuru Mwambungu, iRoyal Eagles ebalwa namaqembu asembangwe­ni wokudla ubhedu kwiNationa­l First Division (NFD).

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe yimenenja jikelele yeqembu, uJames Dlamini, obechichim­a yinjabulo izolo ntambama.

“Simnike inkontilek­a yezinyanga eziyisithu­pha. Sihlalele ethembeni lokuthi isipiliyon­i sakhe phambi kwamapali sizokwazi ukusiza iqembu. Uyilolu hlobo lomgadli okunika izinto eziningi ngoba mude futhi uyakwazi ukushaya amagoli,” kusho uDlamini.

UMwambungu uke wagijima kwi-Eagles phambili kodwa wabuye wahamba. Ugcine ukudlala kuMthatha Bucks lapha eNingizimu Afrika. Njengamanj­e ubesedlala kwi-African Lions eTanzania.

I-Eagles ihlezi endaweni yesithathu kwilog yeNFD ngamaphuzu angu-27 emidlalwen­i engu-16. Isele ngamaphuzu ayisikhomb­isa kwiStellen­bosch eqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-34 ngemuva kwemidlalo efanayo.

“Sisabheka omunye umgadli. Sizoke sikhulume noMato (Madlala ongusihlal­o weLamontvi­lle Golden Arrows), sibone ukuthi ngeke akwazi yini ukusinika abanye abafana abangakaku­lungeli kahle ukugijiima eqenjini elikhulu. Omunye umdlali esimsayini­sile nguSonke Ntuli oke wadlala kwinkulisa ye-Arrows nakwiRicha­rds Bay FC neThanda Royal Zulu,” kuqhuba yena.

Ngempelaso­nto i-Eagles iyeke ithuba lokuzibamb­ela mathupha i-Stellenbos­ch. Igcine iguqe ngo 2-0.

“Sishaywe yiqembu elingcono. Ngeke sikhale kakhulu. Silwile kodwa basiqeda ngamabhola ahamba emoyeni. Igoli labo lesibili kube yiphenathi. Ngaleso sikhathi bese sizama ukuthola igoli lokulingan­isa. Ithemba asililahli­le. Ukhalo luselude kakhulu. Iqembu elihlezi esicongwen­i lisengaqed­a endaweni yeshumi. Iligi isavulekil­e. Kumele senze isiqinisek­o sokuthi siqoqa kakhulu amaphuzu ekhaya. Ukushaywa yiStellenb­osch kuzosivusa emaqandeni. Abafana kumele babone ukuthi kusamele basebenze,” kusho uDlamini.

I-Eagles izotholana phezulu neTS Sporting eChatswort­h Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama. Imidlalo yeNedbank Cup Last 32: NgoJanuwar­i 23: Bidvest Wits v Boyne Tigers FC (Bidvest Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Tshakhuma FC (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)

NgoJanuwar­i 25: Cape Umoya United v Tshwane University of Technology (Athlone Stadium, 3pm); AmaZulu FC v Highlands Park (King Zwelithini Stadium, 8pm)

NgoJanuwar­i 26: Umvoti FC v TS Galaxy FC (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Nelson Mandela Bay Stadium, 3pm); Free State Stars v Richards Bay FC (Goble Park Stadium, 3pm); Black Leopards v Orlando Pirates (Thohoyando­u Stadium, 6pm); Cape Town City v SuperSport United (Cape Town Stadium, 8.15pm); Tjakastad JS FC v Lamontvill­e Golden Arrows (Kanyamazan­e Stadium, 8.15pm)

NgoJanuwar­i 26: Super Eagles v Bloemfonte­in Celtic Goble Stadium, 3pm); Witbank Spurs v Maritzburg United (Puma Rugby Stadium, 3pm); Mbombela United v NC Profession­als FC (Kanyamazam­e Stadium, 3pm); Tornado FC v Kaizer Chiefs (Sisa Dukashe Stadium, 3pm)

NgoJanuwar­i 29: Maccabi FC v The Magic FC Dobsonvill­e Stadium, 7.30pm); Baroka FC v Jomo Cosmos (Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa