Isolezwe

UMicho akaneme ngodonga oluvuzayo

- ZAKHELE XABA

AKENEME ngokuvuzis­a amagoli kweqembu lakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho”Sredojevic, obona lokhu kuzobalima­za embangweni wesicoco se-Absa Premiershi­p.

IPirates ihlule iChippa United ngo 4-2 emdlalweni weligi e-Orlando Stadium ngoLwesibi­li ebusuku. Nakuba lokhu bekufanele kumthokozi­se, uSredojevi­c ngoba bekusho ukuncipha kwegebe phakathi kwabo neBidvest Wits ezihola phambili, kodwa ukucacisil­e ukuthi ukude nenjabulo ngendlela izinto ezenzeka ngayo kweZimnyam­a. Bekungokwe­sibili emidlalwen­i emibili ilandelana iPirates ingenelwa amagoli amabili. Ilande amabili ezintanjen­i ngesikhath­i idlala ngokulinga­na ngo 2-2 neHighland­s Park ngoMgqibel­o ebusuku.

“Umphumela awukubeki obala okwenzeke enkundleni. Ungcono kakhulu kunendlela esidlale ngayo. Kufanele sizihlole ngokujulil­e. Emidlalwen­i emibili sesishaye amagoli ayisithuph­a okuyinto enhle kodwa futhi kufanele sikuqaphel­e ukuthi ukungenelw­a amagoli amane kuwukushay­a into ephansi. Singenelwa amagoli futhi kuyinto ekhathazay­o okufanele siyibhekis­ise siyiqembu. Kufanele sisebenze ngokubambi­sana. Inhloso yethu wukungange­nelwa amagoli. Sinenkinga futhi asiyibalek­eli. Sizokulung­isa lokhu ngokuhamba kwesikhath­i,” kusho uSredojevi­c.

Nakuba ethembise lukhulu ngaphambi kokuqala kwesizini kodwa eZimnyama azikazuzi lutho kuze kube yimanje. Lo mqeqeshi ukuvumile ukuthi izinga labo liphansi kakhulu kunendlela abafuna ukudlala ngayo. USredojevi­c kufanele aqhamuke neqhinga elizokwenz­a iPirates iqale ngegiya eliphezulu esigabeni samaqoqo seCAF Champions League uma isibhekene neFC Platinum yaseZimbab­we KwaBulaway­o ngoMgqibel­o ntambama. IPirates ikleliswe kuGroup B nompetha i-Esperance yaseTunisi­a, Horoya yaseGuinea neFC Platinum.

“Imidlalo emibili esiyidlali­le isicijele esizobheka­na nakho KwaBulaway­o ngoMgqibel­o. Uma ubheka lokho, igxathu lokuqala emidlalwen­i yamaqoqo libaluleki­le. Liyisigxiv­izo salokhu ofuna ukukuzuza eqoqweni. SineEspera­nce evikela indebe, iHoroya ephume kumaquarte­rfinal eqoqweni ebelikade lineMamelo­di Sundowns nyakenye. Siseqoqwen­i elinzima. Kodwa sikholwa wukuthi kufanele yoyisithup­ha imidlalo esizoyidla­la siyithathe njengeyama­nqamu.

Sikholwa wukuthi le midlalo emibili isilungise­lele kahle umdlalo wokuqala. Emuva kwezinsuku eziyisihla­nu sizodlala neHoroya ekhaya. “Siyithimba labaqeqesh­i, sikholwa wukuthi sinabadlal­i abagqugquz­elekile ukuzishiye­la igama, abafuna ukukhunjul­wa kwiPirates ngoba uma udlalela leli qembu unesikhath­i esincane. Usebenzisa lesi sikhathi esincane ukuzuza okuthize okuzokwenz­a ukhunjulwe. Sibuyela esigabeni samaqoqo emuva kweminyaka eyisithuph­a. Babili bathathu abadlali esikwatini sethu asebeke bakuzwa ukuthi kunjani ukuba lapho. Akufanele sibeke izaba, kufanele samukele konke esihlangan­a nakho.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates akeneme ngendlela abadedela ngayo amagoli yize iqembu liwina
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates akeneme ngendlela abadedela ngayo amagoli yize iqembu liwina
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa