Isolezwe

Unozinti waMaZulu uncoma umqeqeshi

- NDUDUZO DLADLA

UNOZINTI waMaZulu FC, uSiyabonga Mbatha, uncoma umqeqeshi wakhe uCavin Johnson ngokungadl­ali ibhola lobugwala noma ngabe ubhekene naliphi iqembu.

Ngokusho kwalo nozinti oke wavimbela iThanda Royal Zulu neBloemfon­tein Celtic eminyakeni edlule, iHighlands Park abazobheka­na nayo ngoMgqibel­o emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-8.15 ebusuku, ezika-Owen Da Gama zizothwala kanzima ngoba ibhola likaJohnso­n liya phambili kuphela, akulona ibhola elihloniph­a izitha.

Ziya kulo mdlalo nje, Usuthu luphuma esibhaxwin­i sika 3-2, lapho lushaywe yiPolokwan­e City kanti i-The Lions Of The North ibambane ne-Orlando Pirates kwashunqa uthuli kuba ngu 2-2, eMakhulong Stadium.

“Umqeqeshi wethu akayona le nhlobo edlala ibhola lobugwala, ukholelwa ekutheni kufanele adlale avule umdlalo. Ukuwina kwethu imidlalo eminingi ngasekuphe­leni konyaka owedlule kwenze amaqembu asifunda futhi asilungise­lela kangcono. Kodwa njengamanj­e sishintshe unyawo njengoba sizama ukuthi singabambe­ki futhi singafunde­ki kalula,” kuchaza uMbatha ngemuva kokuziqeqe­sha neqembu izolo ezinkundle­ni ezingaphan­dle eMoses Mabhida Stadium.

EKing Zwelithini Stadium, AmaZulu awakashayw­a kule sizini. UMbatha uthe ngeke bakwazi ukushaywa yiHighland­s sebebambe iPirates neMamelodi Sundowns okuyizinku­nzi ezihluleke zancama ukushayela ekhaya Usuthu.

“Asinayo nencane inkinga ekhaya. Sinerekhod­i elihle ekhaya okufanele silivikele, ngakho asikwazi ukuthi singayeka iHighlands ifike lapha izenzele umathanda. Esikufuna kubona amaphuzu amathathu kwaphela,” usho ngenkani uMbatha.

Ezika-Da Gama zisendawen­i yesishiyag­alolunye kwi-log ngamaphuzu awu-21 emidlalwen­i ewu-16. EzikaJohns­on zisendawen­i ngamaphuzu 16 emidlalwen­i “Ngesizini edlule siqede kwi-Top 8 (olwagcina Usuthu luphumile kuyona kwangena iSuperSpor­t United). Nakulokhu iphupho lethu ukuthi siqede kuyona. Ukuze lokho kwenze kufanele siqoqe amaphuzu ikakhuluka­zi emidlalwen­i yasekhaya,” kunezezela uMbatha. AmaZulu azobeka amathemba awo kuBongi Ntuli no-Emiliano Tade phakathi kwabo asebeshaye amagoli awu-12 kule sizini. zona ka-11, awuefanayo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYABONGA Mbatha waMaZulu ufunga uyagomela ukuthi ngeke ibashaye iHighlands Park abazobheka­na nayo emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibel­o ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYABONGA Mbatha waMaZulu ufunga uyagomela ukuthi ngeke ibashaye iHighlands Park abazobheka­na nayo emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibel­o ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa