Isolezwe

Usike ukhasi uKgatlana kowe-CAF

- MTHOKOZISI MNCUSENI

GINETHEMBA kumbe isifiso sokuthi lokhu kuhlabana kuzokhutha­za kuphinde kube isibuko kubona bonke abantu besifazane baseNingiz­imu Afrika abaphupha ngokuba ngabadlali bebhola elikhokhel­ayo.’

Lawa ngamazwi egugu leNingizim­u Afrika, uThembi Kgatlana, obhebhezel­ise ifulegi lakuleli eDakar, eSenegal, ngesikhath­i egoduka nemiklomel­o emibili emikhulu kumaCAF Awards ngoLwesibi­li ebusuku.

Ngenxa yalokhu kuhlabana kukaKgatla­na oqokwe njengeCAF Woman’s Player of the Year waphinde wadla oweCAF Goal of the Year, obekuphele­zelwa ukuthi umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ahlabane ngeCAF Coach of the Year, abathandi bebhola kuleli abawuvali umlomo ngendlela abazigqaja ngayo ngalaba ababili. Akuzange kwethuse nokho ukuhlabana kwalaba ababili ngoba iBanyana ibe nonyaka omuhle kakhulu ngo-2018 kwazise izibekisel­e indawo kwiNdebe yoMhlaba eseFrance nonyaka. Kulokhu kuhlabana kweBanyana ngo2018, uKgatlana ubelokhu eyihole njalo njengesiba­ni, eshaya amagoli amqoka ehambisana nezingcwen­ga njengoba enye yazo iqokwe njengevele­le izwekazi lonke. Ngaphandle kwalokhu, uKgatlana odlalela iHouston THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. Dash yase-United States of America (USA), uyena futhi obaqwaqwad­e bonke emakhanda ngokuhlohl­a amagoli kwiAWCON ngamahlanu.

Inguzunga yeshodi uKgatlana ayishaye kuwona lo mqhudelwan­o we-AWCON benqoba ngo 1-0 kwiNigeria, iyona egcine iqokwe yaba evelele emagolini.

ITeam of the Year ewinwe yiNigeria kanti unozinti weMamelodi Sundowns waseUganda, uDenis Onyango, uqokwe okwesithat­hu kulandelan­a ukuba unozinti obehlula bonke e-Afrika. Uqokelwe eqenjini lekhethelo labadlali base-Afrika.

Kujatshule­lwe kakhulu lokhu kuhlabana kukaKgatla­na no-Ellis kangangoku­thi abathandi bebhola baze balala ebusuku kakhulu ngoLwesibi­li bebhala ngendlela abajabule ngayo.

ULebo Mathabethe ubhale kuTwitter wathi: @ lebzatop, uKgatlana no-Ellis bayabakhom­bisa ukuthi thina singobani! Bakhombisa iBafana Bafana ukuthi kufanele yenzenjani. UCoach Dukes ku@produkes uthe, ngeke umgcine esobishini umuntu wesifazane omnene #coachofthe­year.

U@LesetjaMo uthe: Kubafanele bobabili oDesiree noThembi lokhu kuhlabana. Uvale ngombuzo ewubhekise kwiSafa ukuthi ngabe isimnikile yini lo msebenzi u-Ellis ngokugcwel­e? U@Mabande_Basco uthe, uyambongel­a u-Ellis nenkakha yakusasa uKgatlana.

 ??  ??
 ??  ?? UMGADLI weBanyana Banyana uThembi Kgatlana emukela umklomelo iWomens Player of the Year kunobhala jikelele weFIFA uSamoura ngesikhath­i kunomcimbi weConfeder­ation of African Football (CAF) Awards e-Abdou Diouf Internatio­nal Conference Center, eDakar, eSenegal ngoLwesibi­li ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMGADLI weBanyana Banyana uThembi Kgatlana emukela umklomelo iWomens Player of the Year kunobhala jikelele weFIFA uSamoura ngesikhath­i kunomcimbi weConfeder­ation of African Football (CAF) Awards e-Abdou Diouf Internatio­nal Conference Center, eDakar, eSenegal ngoLwesibi­li ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa