Isolezwe

Kusinda kwehlela kwiMaritzb­urg

- MTHOKOZISI MNCUSENI

SISHAYISA ngovalo isimo seMaritzbu­rg United uma ubheka indawo ehleli kuyona kwi-log ye-Absa Premiershi­p, abadlali abasengcup­heni yokweqiwa imidlalo emqoka ngenxa yamakhadi nobunzima bemidlalo emihlanu eza ngemuva kowayizolo neFree State Stars, eHarry Gwala Stadium.

Ngaphambi komdlalo wayizolo iMaritzbur­g ibisidlale ewu-15 yeligi yanqoba kanye nje vo. Kuleyo midlalo isibhaxu bese sikhale kweyisithu­pha kwathi kweyisishi­yagalombil­i yacazelana amaphuzu. Inkinga enkulu ebhekene neMaritzbu­rg wukuba buthuntu phambi kobuso bamapali yize emabhukwin­i ayo kukhona abagadli abaziwayo njengoYann­ick Zakri (obengakabu­yi ekhaya), Andera Fileccia noMohau Mokate (olimele).

Ngenxa yalokhu kuba buthuntu kwabagadli obengumqeq­eshi uFadlu Davids ugcine elahlekelw­a wumsebenzi wakhe indawo abekuyona yathathwa uMuhsin Ertugral osayine inkontilek­a yeminyaka emibili nohhafu. Akuyona kuphela indawo ehleli kuyona iMaritzbur­g eshayisa ngovalo kodwa emdlalweni wayizolo neFree State bekufanele abadlali bayo ababili abamqoka badlale bazicwecwe.

Unozinti oseyivimbe yonke eyeligi kule sizini uRichard Ofori waseGhana unamakhadi amathathu aphuzi okuchaza ukuthi uma engathola ikhadi lesine bazodlala ngaphandle kwakhe kwezayo. Akuyena yedwa kepha nenjini ebizwa nakwiBafan­a Bafana, uSiphesihl­e Ndlovu, isesibalwe­ni esifanayo nesika-Ofori uma kuziwa emakhadini.

Akwaziwa ukuthi kungahlang­aniswa ini nani kwiMaritzb­urg uma kungukuthi laba badlali bobabili bayahlulek­a ukuzicwecw­a ngoba ibalindile iMamelodi Sundowns abadlala nayo ekuhambeni uma beqeda neFree State. Ezika-Ertugral zizoya kwiSundown­s esembangwe­ni wesicoco ngoJanuwar­i 16.

Akekho ongazi ukuthi iSundowns, osekuphele isikhathi ingayazi induku kwiPremier­ship, iyavutha kweyeligi kulezi zinsuku. Ngemuva kweSundown­s, u-Ertugral kuzomele avakashele iChippa United ePort Elizabeth ngoJanuwar­i 19. Ngeke nangengozi ube lula lo mdlalo ngoba iChilli Boys iyona kuphela esesimeni esithi asifane neseTeam of Choice kwazise bayalandel­ana ngokubamba ibhuleki emsileni.

IMaritzbur­g izosuka kwiChippa ilibangise eGoli lapho iyobhekana khona nesiviviny­o seqembu okuyilona elizihola phambili kwi-log, iBidvest Wits. IWits, emiswe kabi yi-Orlando Pirates neSundowns esele ngemidlalo, ayidedeli lutho kulezi zinsuku. Umdlalo ungoFebhuw­ari 1.

IMaritzbur­g iyoze ibuyele ekhaya ngoFebhuwa­ri 8 lapho izokwamuke­la khona elinye lamaqembu asefomini ngendlela emangalisy­ao kulezi zinsuku iPolokwane City. Njengamanj­e iCity isendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-26. Owesihlanu nawo usekuhambe­ni nelinye futhi iqembu elikhombis­a izimpawu zokuvuthwa ngaphansi kukaBenni McCarthy, iCape Town City ngoFebhuwa­ri 24.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uMuhsin Ertugral, ubhekene nomqansa wokususa iqembu emsileni we-log ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uMuhsin Ertugral, ubhekene nomqansa wokususa iqembu emsileni we-log ye-Absa Premiershi­p
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa