Injabulo kwamukelwa onesi
KUBE nezinyembezi zenjabulo ngesikhathi abahlengikazi abasanda kuqashwa bemukelwa ngokusemthethweni njengabasebenzi boMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal.
Laba bahlengikazi abangu-300 bayingxenye yabahlengikazi abangaphezu kuka-8000 abasanda kushaya ujenga ezinkundleni zemidlalo ezingaphandle kwesibhedlela Inkosi Albert Luthuli bezozama inhlanhla yomsebenzi ngenyanga edlule.
Izolo uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo ubamukele ngesikhathi benziswa uhlelo lokubachushisa ngendlela okulindeleke ukuthi basebenze ngayo esibhedlela iGrey’s, eMgungundlovu.
Omunye wabahlengikazi abaqashiwe uNksz Nompumelelo Majola uthe ubesemngcwabeni kanina ngoMgqibelo odlule ngesikhathi ethola ucingo oluvela eMnyangweni wezeMpilo lumbikela ukuthi uthathiwe kwesokuba yi-Enrolled Nursing Assistant. Uthe akazange akholwe njengoba bese kuphele iminyaka engu-13 engawutholi umsebenzi. UNksz Majola ongowaseMbumbulu onengane eneminyaka engu-11 uthe usesebenza esibhedlela saseMlaza iPrince Mshiyeni Memorial.
“Ngifisa ukubonga uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ngoNgqongqoshe uDhlomo ngokufeza amaphupho ethu,” kusho uNksz Majola.
Laba bahlengikazi bangabanye babahlengikazi abahlomule ohlelweni lukamengameli uRamaphosa lokuqinisa izinhlelo zokuqashwa kwabasebenzi bezempilo – kulona kuzoqashwa abahlengikazi abangu-5300.
Omunye umhlengikazi, uNksz Gugu Mdlalose waKwaMashu osesebenza esibhedlela saseWentworth uthe bese kuzoba unyaka ka-14 ehleli engasebenzi kusuka ethole iziqu zakhe zobuhlengikazi.