Isolezwe

Isikhulu obishini ngokuswele­ka kwamanzi iminyaka emibili

- INTATHELI YESOLEZWE

SISOBISHIN­I isikhulu sikamasipa­la waseZulula­nd esisolwa ngobudeden­gu obuholele ekutheni kube nezindawo osekuphele iminyaka emibili oLundi zingenawo amanzi.

IMeya yaseZulula­nd, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, iveze lokhu emuva kukakhukhu­lelangoqo wombhikish­o wabantu basoLundi, eNkonjeni Reserve naseNhlung­wane ku-ward 24 abebehambi­se izikhalo zabo emahhovisi kamasipala.

Umholi womphakath­i, uMnuz Mhlonishwa Khali, uthe iloli yamanzi ifika kanye emuva kwezinyang­a ezintathu. Uthe imigwaqo nogesi kabanako. “Injini esiphehlel­a amanzi nayo ayinawo udizili, sithwele kanzima. Lokhu kusiphethe kabi ngoba sizamile ukuxhumana neMeya kodwa yasithumel­ela umsizi wayo. Ngemuva kwalokho kwathuleka yathi ayizithola­nga izikhalo zethu yikho sinqume ukumashela kwamasipal­a waseZulula­nd,” kusho uKhali.

Isolezwe lihabule kumthombo ongaphakat­hi eZululand ukuthi into eyenza kube nzima wukuthi amaloli afile kusele eyodwa ebiphakela u-ward 5 kodwa osekumele ihambele zonke izindawo. Nalawa afile awakhandwa kanti nodizili obufakwa emshinini ophehla amanzi eNkonjeni usuncishis­iwe ngoba kuthiwa imali ayikho.

IMeya uButhelezi izwakalise intukuthel­o ngalolu daba, ilubiza ngento yamabomu edalwa wubudedeng­u besinye isikhulu.

“Abantu baseNkonja­ne kufanele bakhale ngoba akwamukele­kile ukuthi ungakhande­lwa injini isikhathi eside kangaka. Siyaxolisa kakhulu emphakathi­ni. Sinayo inkampani ezomba umgodi omusha. Izoqala umsebenzi eNkonjeni ngoLwesith­athu oluzayo.

Okunye okumele kwenzeke wukuthi umqondisi wakwaTechn­ical kuzomele athathelwe izinyathel­o ngoba inkinga enkulu yamanzi idalwa wukuthi uhlale engekho emsebenzin­i futhi uyahluleka ukulawula umnyango wezamanzi,” kusho uButhelezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa