Isolezwe

Isinqumo ngebheyili kwelekhans­ela

- NONTUTHUKO NGUBANE

KULINDELEK­E siphume namhlanje isinqumo ngesicelo sebheyili sekhansela le-ANC elisolwa ngokubulal­a elinye okusolwa kukho umbango wesikhundl­a eMlaza. Izolo eNkantolo kaMantshi eMlaza abameli babasolwa baveze izethulo zabo.

UMbuso nawo waqala ukuveza ezawo ngesicelo sebheyili. Kulindelek­e imantshi, uMnuz Thulani Mbuyazi, ukuba ihlaziye okubekwe wuMbuso nabameli, bese ikhipha isinqumo. Izolo leli cala belithanye­lwe uMengameli we-ANCYL kuzwelonke, uMnuz Colleen Maine. Ufike icala seliphakat­hi.

Ikhansela laku-ward 80, uMnuz Mthokozisi Nojiyeza, lisolwa ngetulo lokubulala ikhansela laku-ward 88 uMnuz Sibusiso “Bhabhane” Maphumulo, ngoOkthoba nyakenye. UNojiyeza usolwa noMnuz Phumlani Nojiyeza noNkosinat­hi Mbambo ngaleli cala.

Ummeli wekhansela, u-Advocate Simphiwe Mlotshwa, okhulume cishe amahora amathathu, enxenxa inkantolo ukuba inikeze uNojiyeza ibheyili, uthe ngokwakhe alikho leli cala ngoba alinabufak­azi futhi umphenyi wecala uchemile.

“Okokuqala nje umuntu uma esola omunye ngecala kumele akwazi ukuletha ubufakazi ngalezo zinsolo kodwa lapha asikuboni lokho. Bengiqala ngqa empilweni yami ukuzwa umphenyi ethi ngendlela ababaningi ngayo abantu aseke ababopha, wabapheka ngemibuzo ngaleli cala, kwayena uyahluleka nokubabala.

Lokhu kwenza ngibone ukuthi umane uzingela ikati elimnyama elingekho, uyazidobel­a nje ukuze abone ukuthi yini angayibamb­a ngaleli cala. Akukho okubambeka­yo okuthinta umsolwa wesibili (Nojiyeza) kuleli cala,” kusho uMlotshwa.

Uphinde wathi kwaphulwa umthetho, angalandel­wa amalungelo kamsolwa ngesikhath­i eboshwa njengoba washaywa, wanqatshel­wa nokutshela umndeni wakhe ukuthi ukephi ngesikhath­i eseboshiwe.

Imantshi ibuze uMlotshwa ukuthi yibuphi ubufakazi anabo bokuthi leli khansela lashaywa amaphoyisa.

“UMbuso yiwona obekumele ulethe ubufakazi ngoba yiwona obopha umuntu, umgcine ezitokisin­i.

“Umsolwa uvezile amanxeba abesephola lapho asho khona ukuthi ulinyazwe amaphoyisa kade emshaya. UMbuso uhlulekile ukuphikisa ukuthi umsolwa washaywa,” kusho uMlotshwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa