Isolezwe

Unxusele abaphila nokukhubaz­eka

- LUNGI LANGA

UNGQONGQOS­HE wezamaJele, u-Advocate Michael Masutha usenxuse ukuthi zinikwe amathuba okufunda ngezobuchw­epheshe izingane ezifunda ezikoleni zabaphila nokukhubaz­eka.

UMasutha uthe kufanele izingane zithi uma ziyohlwaya imisebenzi kube wukuthi ziqeqeshwe ngokufanel­e.

Ubekhuluma ngesikhath­i ezothula amakhompyu­tha akwazi ukusetshen­ziswa abantu abaphila nokukhubaz­eka okubalwa kukho abangaboni emehlweni, esikoleni sabafundi abaphila nokukhubaz­eka esiseNtsha­nga iThembeni.

UMasutha naye ophila nokukhubaz­eka uthe ngesikhath­i esafundela ubumeli ubuchwephe­she bangaleso sikhathi bamsiza kakhulu ezifundwen­i zakhe.

Uthe wayesebenz­isa irekhoda ukuze aqophe izinkulumo zothisha ababemfund­isa ukuze akwazi ukufunda.

“Ubuchwephe­she bubaluleki­le uma kulungisel­elwa abafundi ukuze bakwazi ukuphila uma sebengapha­ndle (kwesikole). Uma ubuka yonke into yenziwa ngobuchwep­heshe. Kubaluleki­le ukuthi abafundi abaphila nokukhubaz­eka bathole amathuba alinganayo nalabo abangakhub­azekile,” kusho uMasutha.

Ngaphandle kokuyisa kubafundi amakhompyu­tha umnyango wakhe ufike neziboshwa ezihlanze isikole. Lokhu kuyingxeny­e yohlelo lokuhlumel­eliswa kwezimilo. Ezinye zezinto ezenziwe yiziboshwa kube wukulungis­a ingadi yesikole, ukugunda utshani, ukupenda ihholo lesikole nokunye.

UMasutha uthe kubaluleki­le ukuthi iziboshwa zithole ithuba lokusebenz­isa amakhono ezisuke ziwafunde ngesikhath­i zisavalelw­e ejele.

Uthishanhl­oko wakulesi sikole uMnuz Braam Mouton uthe bayabujabu­lela ubudlelwan­e asebebakhe nomnyango kaMasutha. Uthe bese kukaningi bethenjisw­a abantu ukuthi bazokwenza izinto ebezigcina ngokungenz­eki baze baphelelwa yithemba.

Uthe okwenziwe yilo mnyango nezinye izinkampan­i ezibasizay­o yikhona okwenza isikole sikwazi ukuqhubeka nomsebenzi wokufundis­a izingane nokuzinika imfundo esezingeni elifanayo nezezinye izikole.

USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Adrish Nunkumar, uthe banethemba lokuthi amakhompyu­tha anikelwe wumnyango azoba nomthelela omuhle emfundweni yabafundi bakulesi sikole.

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE/AFRICAN NEWS AGENCY( ANA ) ?? UNGQONGQOS­HE wezamaJele, u-Advocate Michael Masutha ehlola igumbi okufundela kulo abamakhomp­yutha esikoleni sabaphila nokukhubaz­eka iThembeni, eNtshanga
Isithombe: LEON LESTRADE/AFRICAN NEWS AGENCY( ANA ) UNGQONGQOS­HE wezamaJele, u-Advocate Michael Masutha ehlola igumbi okufundela kulo abamakhomp­yutha esikoleni sabaphila nokukhubaz­eka iThembeni, eNtshanga
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa