Isolezwe

Bagxeke iziteleka kusizwa abafundi abantulayo

- PHILI MJOLI

IZITELEKA zemiphakat­hi ezihlangan­isa ukuvalwa kwemigwaqo ziholela ekutheni abafundi bafeyile.

Lokhu kushiwo umqondisi wezemfundo eHarry Gwala, UNkk Sindi Zakuza-Njakazi, ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni inhlangano ezosiza abafundi abantulayo ngoxhaso lwezemfund­o esungulwe yiPhini likaMengam­eli wamaJaji kuleli, uRaymond Zondo ngokubambi­sana nomndeni owasiza umndeni wakhe ngesikhath­i yena efunda enyuvesi. UZondo nabakwaBux basungule isikhwama iZondo Bux Education Trust ukusiza abaswele.

UNkk Zakuza-Njakazi uthe ukwehla kweAmazabe­ko High ithole u56% ku-matric, ekubeni kade ithola ngaphezulu kuka-80% kwa-matric kukhombisa ukuthi izinkinga zomphakath­i ziyayithik­ameza imfundo.

“Kumele bazali sizibuze ukuthi yini into esiyifunay­o? Ukuthi izingane zethu zifeyile njengoba nyakenye kule ndawo kuke kwavalwa imigwaqo ngoJuni, umphakathi ukhala ngezidingo ezithile? Abafundi ba-matric banyakenye abazange bakwazi ukubhala izivivinyo zikaJuni ngoba imigwaqo yayivaliwe. Abafundi bakulesi sikole abazange bahlomule emakilasin­i angoJuni eHarry Gwala, imigwaqo yayivaliwe kungaphumi lutho,” kusho yena.

Ijaji uZondo uthe nakuba engazi ukuthi ngubani obesesitel­ekeleni kodwa alikho ilungelo lokuvimbel­a abafundi.

“Akekho onelungelo lokuvimbel­a abafundi. Kuyilungel­o lomfundi ukuthi afunde, imfundo iyona engasiza ukuthi siqede ububha,” kusho yena. Uqhube wathi le nhlangano isunguleke ngemuva kokuthi yena nomndeni kaBux babe nesidlo.

“Ngathi uma ngibuza uBux ukuthi ngingamkho­khela kanjani njengoba wathengela umama nezingane zakithi igilosa iminyaka emithathu, mina ngisenyuve­si, wangiphend­ula ngokuthi ngingamkho­khela ngokwenza lokhu angenzela kona kwabanye abadinga usizo,” kusho yena.

Ukwethulwa ngokusemth­ethweni kwale nhlangano kuhambisan­a nokuvulwa ngokusemth­ethweni kwehholo laseAmazab­eko High, amathoyile­thi ne-borehole eMazabekwe­ni Primary.

Imali yokwenza lo msebenzi inikelwe yiMuslim African Charitable Trust (MACT)

UMnuz Farook Bayat uthe inhlangano yabo yathinteka uma ibikelwa ngosizi lwemathoyi­lethi nehholo elingaphel­i.

 ?? Isithombe: PHILI MJOLI ?? UMNUZ Mahomed Bux, iPhini likaMengam­eli wamaJaji, uRaymond Zondo, owakwakhe UNkk Sthembile Zondo noMnuz Shabir Chohan ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni inhlangano ezosiza abafundi abantulayo ngokubaxha­sa ngemali yokufunda iZondo Bux Education Trust
Isithombe: PHILI MJOLI UMNUZ Mahomed Bux, iPhini likaMengam­eli wamaJaji, uRaymond Zondo, owakwakhe UNkk Sthembile Zondo noMnuz Shabir Chohan ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni inhlangano ezosiza abafundi abantulayo ngokubaxha­sa ngemali yokufunda iZondo Bux Education Trust

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa