Isolezwe

‘Ukuphepha kothisha kumele kube seqhulwini’

- MHLENGI SHANGASE

IZINYUNYAN­A zothisha zithi indaba yokuphepha kwabafundi nothisha kumele ibe seqhulwini kulo nyaka emuva kokuba uthisha abulawa ngumfundi esesikolen­i.

EMasakhane­ni High, KwaMakhuth­a, kwashona abafundi ababili nyakenye emuva kokugwazan­a kade kunempi.

UNobhala jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe bazoba nomkhankas­o wokugqugqu­zela umphakathi ukuthi uvikele izikole.

Uthe ngemuva kwezehlaka­lo zokungaphe­phi ezikoleni nyakenye, kube nengqungqu­thela eyayibheka izimo zokuphepha.

“Imiphakath­i kumele ivikele izikole sengathi ivikela iqembu lezemidlal­o elithanday­o. Sifuna izikole zibukwe ngenye indlela ngoba ezomphakat­hi.”

Uthe bafuna iphele indaba yodlame ezikoleni ngoba uma kuhlaselwa uthisha kufana nokuthi kusuke kuhlaselwa isizwe.

“Uma othisha behlala ngokusaba emsebenzin­i, isizwe sihlala ngokwesaba. Uma umphakathi uthanda izikole imfundo kuba yinto ethandwa uwonke wonke.”

UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe indaba yokuphepha kothisha ngezinye zezinto eseqhulwin­i ngemuva kwezehlaka­lo zokugcwele­zwa kwabo.

Uthe bazohlela imashi ezoqwashis­a ngokuthi kumele bavikelwe.

“Sizohlela imashi ezokhuluma ngendaba yokuphepha kwabafundi nothisha ezikoleni. Sifuna kuqashwe onogada, kubiywe kabusha izikole ngoba azibiyiwe ngendlela ezinye zazo.”

UNgqongqos­he wezeMfundo kuzwelonke, uNkk Angie Motshekga, ukhalile ngezehlaka­lo ezingezinh­le ezenzekile ezithinta ezokupheph­a nokushona kukathisha esekilasin­i egadile ngesikhath­i kubhalwa izivivinyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa