Isolezwe

Izonxenxa intsha i-IEC ukubhalise­la ukhetho

- MHLENGI SHANGASE

UZOGXILA entsheni umkhankaso wokunxenxa abantu ukuthi babhalisel­e ukuvota, njengoba engu-285 amaqembu abhalisele ukungenela ukhetho lwalo nyaka.

Lokhu kumenyezel­we yikhomishi­ni yokhetho kuleli i-Independen­t Electoral Commission (IEC) njengoba izolo ibithula umkhankaso wokhetho.

Sekulindwe uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi amemezele usuku lokhetho okulindele­ke ukuthi lube ngoMeyi kulo nyaka.

Ekhuluma nemisakazo yakwaSABC kuleli sonto, uRamaphosa uthe ukhetho luzoba ngaphambi kukaJuni nonyaka.

Sikhuluma ngesikhath­i kwethulwa umkhankaso wokhetho, isikhulu esiphezulu se-IEC uMnuz Sy Mamabolo, sithe ikhomishin­i isilulunge­le ukhetho. Uthe kumanje bamatasa nezinye izicelo zamaqembu ezingu-37.

“Umkhankaso wethu wokhetho uzogxila kubantu abasha ngoba yibona abanesibal­o esincane emqulweni wokuvota. Asethembe ukuthi ngeke sibe namaqembu angaphezul­u kuka-200 kwi-ballot paper.

Sesiqeqesh­e abantu abangu-60 000 abazojutsh­wa izwe lonke, imishini yethu yokuqopha umazisi ne-smart ID engu-32 000 seyimi ngomumo. Sesiqalile ukuthumela izinsiza ezizoseben­za uma sekuvotwa kuzona zonke izikhungo ezisabalel­e izwe lonke,” kusho uMamabolo.

Uthe mkhulu umsebenzi owenziwe mayelana nokuqoqwa kwamakheli kwabangena­wo emqulwini wokuvota njengoba iNkantolo yoMthethos­isekelo ibanike kuze kube uNovemba wonyaka ozayo.

“Sizoba nezinhlelo zokusiza noma ngubani ofuna ukuphikisa amagama abantu abasemqulw­ini wokuvota. Sinohlelo lokuthi abantu balungise noma bafake amakheli abo besebenzis­a i-internet ngokuthi baye kwi-website ye-IEC. Lokhu kuzokwenza ukuthi umuntu ashintshe ikheli lakhe kube lula ngoba uzokwenza noma ekuphi.”

Uthe lude ukhalo oseluhanji­we mayelana nokuqoqwa kwamakheli njengoba ngoMashi 2016 babengu-8.4% ababenamak­heli kubantu abangu-26 abasemqulw­ini wokuvota wathi manje sebengu-21.5 million abanamakhe­li.

Uthe ngoJanuwar­i 26 no-27 yimpelason­to yokugcina yokuthi abantu abangabhal­isele ukuvota babhalise.

Unxuse intsha ukuthi iphume iyobhalise­la ukuvota ngoba yibona abantu abanesibal­o esincane emqulwini wokuvota.

USihlalo we-IEC uMnuz Glen Mashinini uthule umkhankaso iXse 2019 ebhekiswe entsheni ukuze ivote. Abantu abaneminya­ka engu-16 kuya phezulu abanomazis­i bangabhali­sela ukuvota nakuba kungabanem­inyaka engu-18 kuphela abayokwazi ukuvota ngosuku lokuvota.

Khonamanja­lo; uphasisiwe umthethosi­vivinywa i-Electoral Laws Amendment Bill, umkhandlu wezifundaz­we ePhalamend­e izolo.

Lo mthethosis­ivinywa uzonqanda ukusetshen­ziswa kwemali kahulumeni ngaphandle kwaleyo ekhishwe yi-IEC uma kukhankasw­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa